
Razeen Gutta
URoman Abramovich kubikwa ukuthi usedayise i-Chelsea FC ukuze abhekane nezinkinga ngenxa yobudlelwane bakhe noMengameli wase-Russia uVladimir Putin.
Lo mphathi weqembu wase-Russia oneminyaka engu-55 ubudala usethe inani le-Chelsea ngu-£3 billion, kanti i-Sky News ibika ukuthi imali engu-£2.5 billion inqatshiwe.
Maningi amaqembu asethenjiswe leli qembu, angompetha base-Europe njengamanje, njengoba i-Sky siqhubeka sibika ukuthi kufike osomabhizinisi abayisishiyagalombili bachithwa.
Usozimali wase-Switzerland uHansjorg Wyss usevele ushilo esidlangalaleni ukuthi usesitholile isithembiso sokuthenga leli qembu.
“U-Abramovich uzama ukudayisa zonke izindawo zakhe ezinhle e-England, ufuna nokuqeda nge-Chelsea ngokushesha. Mina kanye nabanye abantu abathathu sinikezwe ithuba ngoLwesibili lokuzama ukuthenga i-Chelsea ku-Abramovich.
Kuzomele ngilinde izinsuku ezine kuya kwezinhlanu manje,” kusho uWyss etshela iphephandaba lase-Switzerland i-Blick.
“Sengiyacabanga nje ngiphethe i-Chelsea nozakwethu, kodwa kufanele ngiqale ngihlole izimo ezijwayelekile.
Engingakusho ukuthi: lesi sinqumo angisithathi ngedwa, ” kwengeza u-Wyss oneminyaka engu-87.
Khonamanjalo, i-Daily Mail iveze ukuthi u-Abramovich unesabelo esikhulu enkampanini yase-Russia yokwenza i-Steelmaking ekhiqiza izinto ezisetshenziselwa ukwenza amathangi ahlasele e-Ukraine njengamanje.
Kubikwa ukuthi wadlulisela la masheya kuye ngqo evela enkampanini ephesheya kwezilwandle ngomhlaka-16 kuNhlolanja, ezinsukwini eziyisishiyagalombili ngaphambi kokuthi uPutin ayalele ukuhlasela kwe-Ukraine.
Umholi weqembu eliphikisayo e-UK uMnu uKeir Starmer ubuze uNdunankulu uBoris Johnson ePhalamende namuhla ukuthi kungani unswinyo lungakabekwa ku-Abramovich. UJohnson uthe ngeke kube lula ukuphawula nganoma imaphi amacala okwamanje.
Njengoba umphathi we-Chelsea efuna ukuthengisa iqembu ngokushesha okukhulu, umdlalo olandelayo bebhekene ne-Newcastle United ngomhlaka-13 ngoNdasa bangabonakala benomphathi omusha.
U-Abramovich ube nalelibqembu cishe iminyaka engamashumi amabili, esiza i-Chelsea ukuba inqobe izindebe ezingu-21 kanye nokuyenza ibe ngelinye lamaqembu aphumelele kakhulu ebholeni lase-England.
Iqembu njengamanje lingaphansi kobuholi obuqondile futhi lilawulwa inhlangano ye-Chelsea’s charity Foundation.
Umthombo wesithombe: @Goal