‘Umphathi wamaphoyisa ase-Alex uzibe isikhalazo esibalulekile somphakathi’

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Uzothathelwa izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe umphathi wamaphoyisa wase-Alexandra ozibe abaqaphi becela usizo ngoLwesibili ebusuku.

Abaqaphi babambe izigebengu ezimbili okusolakala ukuthi bezihlomile ngezithuba zabo-02:00 ekuseni base bebiza amaphoyisa ukuthi azosiza, kodwa kuze kwashaya ihora lesithupha ekuseni engafikile amaphoyisa.

UKhomishana wamaPhoyisa eGauteng, uLieutenant-General Tommy Mthombeni, usecele uKhomishana wesifunda saseGoli, uMajor-General Max Masha, ukuba athathele umphathi wamaphoyisa izinyathelo.

Abaqaphi bathi baxhumane nomphathi siteshi odlulisele ucingo kumphathi wasebusuku. Naphezu kwezingcingo eziphindaphindiwe zokucela usizo, abazange baluthole usizo.

Abaholi bomphakathi baludlulisele ehhovisi lamaphoyisa lesifundazwe udaba. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uBrigadier Brenda Muridili uthe uMthombeni ucele uMasha ukuthi alungise isimo esishubile phakathi kwamaphoyisa ase-Alexandra nabaqaphi bomphakathi.

UMuridili uthe lesi sigameko senzeke ezintatha zangoLwesithathu  ngesikhathi abaqaphi bebamba abasolwa ababili abebephethe isibhamu esingekho emthethweni. 

Amaphoyisa abikeliwe kodwa afika ngemuva kwamahora amane.

“Lokhu akwamukelekile. Kumele sisebenzisane nezinhlaka zomphakathi njengesithangami samaphoyisa omphakathi ukulwa nobugebengu,” kusho uMthombeni.

Umphathi wesiteshi sase-Alexandra useqale uphenyo lokuqondiswa kwezigwegwe umphathi ongena ebusuku ngokungaphenduli esicelweni esiphuthumayo.

UMuridili wengeze ngokuthi amaphoyisa azohlangana nabaqaphi, amalungu eforamu yamaphoyisa omphakathi, kanye nabaphathi bomkhakha wamaphoyisa ukuze kuxazululwe lolu daba.

Esithombeni ngenhla: Isiteshi samaphoyisa sase-Alexandra.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva