Umphathi ubalisa ngenzondo emva kokuqoka uKolisi uKaputeni

Dylan Bettencourt

UMqondisi webhola lombhoxo waseNingizimu Afrika uRassie Erasmus uvule isifuba ngenzondo abhekana nayo ngemuva kokuqoka uSiya Kolisi njengo kaputeni wamaBhokobhoko.

“Abantu abangaphandle kweNingizimu Afrika bengahle bengakuqondi kahle lokhu, kodwa ukuba nokaputeni omnyama wamaBhokobhoko kuyisimo esivuthayo eNingizimu Afrika,” kusho lo mlisa (49), etshela i-Daily Mail.

U-Erasmus wakhetha uKolisi njengokaputeni wamaBhokobhoko ngo-2018, okwenza lo mdlali waba ngukaputeni wokuqala omnyama kuleli. Lesi sinqumo sabonwa njengesinyathelo esibheke endleleni efanele yingxenye enkulu yezwe. Kodwa-ke lesi sinqumo saphinde saqubula intukuthelo kwabathile, abanye bagxeka lesi sinqumo ngokuthi “singesepolitiki”. U-Erasmus waphinde wathola imiyalezo enenzondo nehlambalazayo evela kubalandeli bebhola lombhoxo abanobandlululo.

“Ngalahlekelwa ngabangani abaningi ngesikhathi ngenza uSiya ukaputeni, kwakukubi kakhulu. Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, abazali babangani bendodakazi yami bathi, ‘Tshela loya baba wakho ukuthi ayeke ukuncenga isheke lokuhola’. Abantu bathi kunepolitiki. Impi yokuthi abantu bakholelwe kuSiya yaba ngumzabalazo wangempela,” usho kanje.

Kwividiyo eputshuziwe manje eyimizuzu engu-62 edume kabi, u-Erasmus uzwakala egxeka unompempe wase-Australia uNic Berry ngokuvumela ukaputeni we-Lions u-Alun Wyn Jones ukuthi akhulume ukudlula uKolisi ngesikhathi sohambo lwe-British & Irish Lions.

U-Erasmus uthe wahlangana nezikhulu ngaphambi komdlalo wokuqala bebhekene ne-B&I Lions ukuze abancenge ukuthi uKolisi anikezwe inkululeko njengoba sekuphele iminyaka emibili amaBhokobhoko engayidlali imidlalo yebhola lombhoxo. Izimbangi zabo bezinokaputeni bamazwe amane ezinhlakeni zabo.

“Bengazi ngalokho engake ngahlangabezana nakho ukuthi babasaba kanjani onompempe, ngakho ngacela ukuthi ahloniphe uSiya njengo-Alun Wyn Jones, futhi wavuma,” kusho u-Erasmus.

U-Erasmus ukugcizelele ukuthi akazange asole uBerry ngokuba ngumuntu ocwasa ngokwebala – kodwa ubezama ukuqonda ukuthi kungani imiyalezo kaKolisi eya kunompempe inganakwa.

U-Erasmus utshele i-Daily Mail ukuthi wacabanga ukuthi “Ingabe bacabanga ukuthi uyi-a**hole?

AmaBhokobhoko azobuyela enkundleni ngoNtulikazi uma esezobhekene ne-Wales ochungechungeni lwemidlalo emithathu eNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe: @2OceansVibe

Scrolla World Cup Quiz