Umphathi kaMasipala oxoshiwe uyenqaba ukwehla esikhundleni

Lungani Zungu

UThembinkosi Ngcobo uxoshiwe ngenxa yokwehluleka ukubika inkohlakalo – kodwa uyenqaba ukwehla esikhundleni.

“Amacala engibekwe wona ayiqhinga lokungicekela phansi,” kusho uNgcobo oxoshiwe ophethe kuMasipala weTheku ophikweni lwamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko.

Utshele i-Scrolla.Africa ngoLwesine ukuthi uyisa umasipala enkantolo “ngokuxoshwa ngendlela engafanele.”

Ukuxoshwa kukaNgcobo kuza ngemuva kokuba abasebenzi ababili ophikweni lwakhe bekhokhele umhlinzeki wezinsizakalo izi-R140,000 yize umsebenzi ungazange wenziwe.

NgoMsombuluko, i-SA Local Government Bargaining Council imemezele ukuxoshwa kukaNgcobo.

UNgcobo, owaziwa njengomsekeli walowo owake waba nguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uthe amacala abhekene nawo awuhlelo lokumcekela phansi.

“Sengithule kakhulu uma ngihlaselwa yizitha. Ngizolwela ukugeza igama lami. Angikaze ngintshontshe ngisho isenti kumasipala,” kusho yena.

Uthe abammeli bakhe bazoyisa umasipala enkantolo futhi unesiqiniseko sokuthi uzonqoba.

“Bengingabandakanyeki kunoma yisiphi isinqumo esithinta imali okukhulunywa ngayo. Ngididekile ukuthi kungani igama lami lihudulelwa kulokhu,” kusho yena.

UNgcobo wazidonsela amehlo ngowezi-2019 ngesikhathi ememezela ukuthi leli dolobha lenze isivumelwano noZuma sokuqopha izingoma zakhe ezithandwayo nokuthi uphiko lwakhe luzokhokhela uMsholozi ngemali yabakhokhi bentela ukuqopha izingoma zakhe okubalwa ingoma yakhe eyintandokazi kakhulu ethi Mshini wami.

UNgcobo, owathi lokhu kuhloswe ngakho ukugcina amagugu, waphoqeleka ukuthi aguqule lesi sivumelwano esiyinqaba ngemuva kokugxekwa kanzima okuvela emphakathini nakumaqembu aphikisayo.

I-DA, i-EFF ne-IFP bonke bakwamukele ukuxoshwa kwakhe esikhundleni.

Umasipala wenqabile ukuphawula wathi lolu daba lusenkantolo.

Izihloko zakamuva