Lubhalwe nguNothando Makhubela
UMphathi kamasipala okhubazekile esifundeni saseNkangala uMaggie Skosana utholwe ephila ngemuva kokuthi umshayeli wakhe ebalekele abathumbi babo ahambe ayothola usizo.
Umshayeli uGugu Mtsweni utholwe eboshwe ngezintambo eceleni komgwaqo e-Diepsloot, eGoli ngoLwesine ngemuva kwezinsuku ezintathu laba ababili bethunjiwe.
Yize ebeboshwe ngezintambo ukwazile ukukhasa aye emgwaqeni lapho abonwe khona umshayeli wetekisi oye wamthatha wamhambisa endaweni ephephile.
Kubikwe ukuthi uSkosana noMtsweni bathunjwe ngamadoda abezenza amaphoyisa phambi kwamahhovisi kamasipala e-Middelburg, eMpumalanga ngomhlaka-24 kuMfumfu kanti batholakale ngaphambi kwamabili ngomhlaka-26 kuMfumfu ngemuva kwezinsuku ezintathu bethunjiwe.
Imoto kaSkosana itholwe ngamaphoyisa ngemuva kwamahora ethunjiwe eduzane nemayini kanti kutholakale isihlalo sakhe esinamasondo, isikhwama nezinye izimpahla ngaphakathi emotweni.
“Kubikwa ukuthi bobabili uSkosana noMtsweni balahlwe abathumbi babo ehlathini eliseduze nomgwaqo u-N14 e-Diepsloot,” kusho uColonel Donald Mdluli wamaphoyisa aseMpumalanga.
“UMtsweni ubeboshwe ngezintambo kodwa ukwazile ukufika emgwaqeni lapho umshayeli wetekisi ambone khona ngesikhathi efuna usizo.”
UMdluli uthe umshayeli wetekisi usheshe wabikela amaphoyisa ahambe nabo aya ehlathini lapho afice khona umphathi kamasipala. Ngemuva kokuya esiteshini samaphoyisa e-Diepsloot izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela zaphinde zahlanganiswa nemindeni yazo ezintatha zangoLwesine.
UMdluli uthe abasolwa basagcwele amathafa.
Izolo, okhulumela umndeni uDkt Peter Skosana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bafuna nje ukubona uSkosana ebuye ekhaya ephephile.
“Sithandazela nje ukuthi abuye ephephile,” esho.
Lokhu kungemuva kokuthi abaphenyi be-Specialized Security Services (SSS) beqinisekise kwa-Scrolla.Africa ukuthi abathumbi bafuna isihlengo ukuze kukhululwe uSkosana noMtsweni.
“Abathumbi bafuna isihlengo futhi sesibahlonzile abantu abathintekayo kanye neqembu abasebenzisana nalo,” kusho uMorney Vos we-SSS.
Kodwa-ke uVos wenqabile ukuqinisekisa ukuthi imali efunwa abathumbi u-R5 million.
“Asikwazi ukudalula ukuthi abathumbi bafuna malini,” esho.
“Inhloso yethu enkulu ukubuyisela izisulu emindenini yazo ziphephile.”