Umphakathi waseMarikana ukhala ngezigebengu ezigqekeza ngezibhamu ezingamathoyizi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umphakathi wase-Marikana eKapa usuphenduke izisulu zezigebengu okusolakala ukuthi zisebenzisa isibhamu esivame ukusetshenziswa emijahweni yabasubathi ukubabamba inkunzi.

Njengoba umphakathi ugcwele ukwesaba, izisulu zilandise ngezigameko zazo ezibuhlungu zokulahlekelwa izimpahla ngenxa yezigebengu ezinonya ezihlasela imizi yazo.

Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama ngoba sisaba ukuhlaselwa sichaze ngesigameko saso esidabukisayo kwi-Scrolla.Africa.

“Lesi sigameko sinezinyanga ezimbili senzekile okubuhlungu sonke siyazazi izigebengu, kodwa ngeke sikwazi ukuyozivulela icala ngoba sisaba ukubulawa.”

Lezi zigebengu kuthiwa zigqekeza imizi yabantu zisebenzisa iqhinga eliyingqayizivele lokukhiya iminyango kube sengathi akukho muntu. 

Esinye isisulu sisakhumbula ngokucacile izikhathi ezesabekayo: “Bangena endlini yami lapho mina nomyeni wami sisekhaya, bephethe isikhwama esikhulu baqala ukuthatha izimpahla zethu. Bakwazi ukungena endlini ngoba bazenza abantu abadukile abafuna umuzi othile.

“Njengoba sasixakekile ngokufika kwabo bavele bavala umnyango ngokushesha bawukhiya bavala namakhethini.”

Lezi zigebengu zathatha izimpahla ezibalulekile endlini okuhlanganisa omakhalekhukhwini, ukudla nezinto ezisebenza ngogesi.

Kubuhlungu abakwenza uNosakhele Tiso isakhamuzi esineminyaka engu-40 ubudala njengoba elandise ngokuphoqwa ukuthi aphekele izigebengu amasoseji ngesikhathi zisaqhubeka nokuthatha izimpahla zakhe.

“Bangene endlini yami bahluthula umnyango bangakhulumi lutho, kuthe ngesikhathi besematasa beqoqa izinto zami bangiyalela ukuthi ngibathosele amasoseji. Baze bangitshela ukuthi isibhamu abasiphethe singabulala abantu ababili ngesikhathi esisodwa,” kusho uTiso. 

Ngakhuluma nomunye wasendaweni wangitshela ukuthi lezi zigebengu zisebenzisa isibhamu esiyithoyizi.

Owesilisa oneminyaka engu-49 ubudala uchaze ngesimo abhekane naso ngesikhathi ebukela izigebengu zintshontsha emzini wakhe.

“Ngesikhathi beqala ukupakisha amabhodwe ami nezinkezo ngiqale  ngacabanga ukuthi bayadlala, kodwa  ngesikhathi ngibona isibhamu ilapho engibone khona ukuthi abadlali. Noma ngabe ngike ngabona ukuthi isibhamu esiwuliphi uhlobo bengingeke ngilokothe ​​ngibhekane nabo njengoba bebengakhombisi uvalo ngokubulala abantu ngenxa yempahla yabo,” kuzikhalela isakhamuzi esidangele.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe izakhamuzi zingasebenzisa inombolo yamahhala yakwa-SAPS u-10111 ukubika noma iziphi izigameko.

Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi ase-Marikana eKapa asatshiswa izigebengu ezibabamba inkunzi zisebenzisa izibhamu ezingajwayelekile

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva