Lungani Zungu
Umphakathi wase-Manguzi ngasenyakatho yaKwaZulu-Natali uhlanganyele ndawonye ukunqanda ukudunwa kwezimoto nokushushumbiswa kwezidakamizwa eziqhamuka eNingizimu-Afrika ziya ezweni lase-Mozambique ezenziwa inhlangano yobugebengu.
“Sifuna ukusiza amaphoyisa ekulweni nobugebengu obenzeka endaweni yethu,” kusho uMusa Mthembu usihlalo weqembu elisha elibizwa ngokuthi “Silwa nobugebengu” eligcina umphakathi uphephile.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izingane ezisencane ezihlala kule ndawo ziyabandakanyeka kubugebengu bokushushumbisa izidakamizwa nokuntshontshwa kwezimoto.
“Izingane eziningi ezisiyekile isikole sezisebenzisana nezigebengu ezintshontsha izimoto” kuchaza uMusa.
“Sizoyigada indawo yethu uma sibona okusolisayo sizokwazisa amaphoyisa”.
Uthe izigebengu zisebenza nabanye abahlala emphakathini wethu.
Uthe izimoto ezintshontshwa kakhulu amaveni anamakhenophu. Okunye izigebengu ezikwenzayo ukufaka izimoto ngemuva kwiloli bese befihla izimoto ngomoba noma ngamaphakethe ama-chips.
Ikhansela lewadi uNomondo Vumase uthe ujabule kakhulu ngokuthi umphakathi usuqale iqembu leforamu.
“Kumele sonke sidlale indima ukwenza indawo yase-Manguzi ingabi nabo ubugebengu. Sigqugquzela umphakathi ukuthi uyijoyine iforamu” kusho uNomonde.
Uthe amalungu omndeni owodwa adutshulwe ashona ngesonto eledlule.
“Lokhu kukhombisa ukuthi izinga lobugebengu selikhule kangakanani endaweni eyayihlezi inokuthula”.
Ngesikhathi uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ekhipha izibalo zobugebengu ngoNhlaba, wavuma ukuthi ukudunwa kwezimoto zihanjiswe emazweni angaphandle, ukushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokuntshontshwa kwensimbi sekukhuphuke kakhulu.
Ucele kube nokusebenzisana kweziphathimandla zaseNingizimu-Afrika nezase-Mozambique.