Elmon Tshikhudo
Abaholi bendabuko bavamise ukubusa izigodi zasemakhaya engathi ziwumbuso wabo wangasese njengoba abesifazane ababili basesigodini sase-Tshivhilidulu ngaphandle kwase-Thohoyandou, e-Limpopo, bathola lokho.
Banikezwa imiyalelo yokuhamba base beyalelwa ukuba baphume ezindlini zabo zingakapheli izinsuku ezine kusho abaholi bendabuko ngesikhathi somhlangano obusesigodlweni ngeSonto.
Laba besifazane, uFulufhelo Madele noNancy Ntsandeni, basolwa ngokweqa induna bahambe bayobika emaphoyiseni ngecala lobugebengu esikhundleni sokuthi babikele induna kuqala.
Ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi leli cala okukhulunywa ngalo lithinta izihlobo zenduna. Kuphinde kwavela ukuthi induna ibifuna ukuphoqa abesifazane ukuthi balihoxise icala.
UMadele uthe abesilisa ababili abahlobene nenduna bamshaya ngesikhathi esemzini wakhe ngesonto eledlule.
“Bangithuka besola umama ngokuthakatha, ngemuva kokushaywa nokuthukwa ngaqonda esiteshini samaphoyisa ngavula icala,” kusho uMadela.
UMadele uthe ukubika icala emaphoyiseni akwehlanga kahle enduneni. Uthe wamthembisa imali eyinkulungwane yamarandi uma esula icala.
“Angikwazanga ukukwenza lokho njengoba bengivuvukele kabi ngenxa yokushaywa,” kusho uMadela.
“NgeSonto kube nomhlangano kwathathwa isinqumo sokuthi siphume siphele ezindlini zethu.
Ngokuyalelwa induna isigodi sonke safika sangisongela,” kusho uMadela.
“Kodwa angizimisele ukunyakaza. Uma induna ifuna ngiphume kumele ikhokhe zonke izindleko zami bese ngiyahamba.”
UNtsandeni uthe ujeziselwa ukuba ngumngani kaMadela.
“Ngisolwa ngokuba umshoshozeli nokweseka umngani wami. Nami nganikwa isaziso sezinsuku ezine sokuthi ngiphume ngiphele endlini yami futhi anginankinga nalokho, kodwa uma induna ingikhokhela zonke izindleko nokulahlekelwa kwami,” kusho uNtsandeni.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwenduna ayiphumelelanga njengoba umakhalekhukhwini wayo ubuvaliwe.