Elmon Tshikhudo
Isigameko sakamuva sokubulawa ngesihluku komdansi we-Rhumba uGeorge Phiri e-Itsani ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo sithukuthelise izakhamuzi zashaya phansi ngonyawo zithi sekwanele.
Bafunge bagomela ukuthi bazowuxosha ngenkani umndeni walowo osolwa ngokubulala esigodini sabo uma ungahambi ezinsukwini ezimbalwa.
Eminyakeni edlule lo mndeni uke wamataniswa nezigameko eziningi zobugebengu obenzeka endaweni.
UPhiri, odume ngelikaJojo kwezokungcebeleka, ubezihlalele eShayandima ngesikhathi egwazwa kabuhlungu endaweni yokucima ukoma e-Itsani ngosuku lwe-Boxing Day.
Amaphoyisa asaphenya ngokwenzekile nokuthi yini eholele ekutheni agcine eselahlekelwa impilo yakhe.
Lo mdansi odabuka e-Beira e-Mozambique ubeyilungu leZozo ne-Sengere Super Beat selokhu afika eNingizimu Afrika eminyakeni engu-10 edlule.
Ubehamba izwe lonke eya naphesheya – lapho ebefika khona ubehlanyisa abalandeli bakhe ngomdanso wakhe omangalisayo.
Ukushona kwakhe kunyakazise umphakathi wakule ndawo okuthe ngeSonto wabamba umhlangano lapho kunqunywe khona ukuthi kuxoshwe imindeni yababulali.
“Sesikhathele ilabafana, okokuqala banamacala amaningi angabikiwe okubulala nokugwaza abantu yingakho ukubulawa kwalo mdansi kubacasule kakhulu,” kusho elinye ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lakhe lingadalulwa.
“Sibanikeza izinsuku ezimbalwa nje ukuthi baphume baphele emphakathini wethu.”
Umholi we-Sengere Super Beat, uJoseph Mbiza, uthe ababulali bamphuce omunye wabadansi obenekhono kunabo bonke asebake bababona.
Zibuhlungu izindaba zokushona kwakhe,” kusho uMbiza.
Uthe kumele bayihoxise imicimbi yamaholidi kaKhisimusi.
“Okwamanje sisazilile. UPhiri akanazo izihlobo eziseduze futhi sizama ukuthola umndeni wakhe e-Mozambique ukuze simnike umngcwabo omfanele.”
Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-18 ubudala uTshifhiwa Luvhimbi wathweswa icala lokubulala.
Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou ngoLwesibili kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-10 kuMasingana.