Umphakathi wase-Ezimbokodweni udinwe ugane unwabu ngemuva kokuthola ugogo ohlukumeza abazukulu bakhe

Celani Sikhakhane

Umphakathi wase-Ezimbokodweni eNingizimu yeTheku ufuna ukuxosha ugogo oneminyaka engama-73 ngemuva kokuba bathole ukuthi uhlukumeza abazukulu bakhe abathathu.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi kutholakale umfana osemncane oneminyaka emibili eboshiwe ngentambo kwinsika ekhaya lakhe ngesikhathi ugogo ephumile esaye ezitolo ngeSonto.

Omakhelwane bathe akusikho okokuqala enza lento kanti bese besezinhlelweni zokumxosha kule ndawo.

Ikhansela lakuwadi-93 uThabisile Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isimo sishubile kakhulu.

“Sitshelwe ukuthi nalaba abanye abazukulu bakhe ababili uyabahlukumeza. Akafuni ngisho basebenzise ugesi ukuze bapheke noma benze umsebenzi wesikole” kusho uZulu.

Umzukulu wakhe owenza umatikuletsheni ucele usizo komakhelwane ecelela yena nobhuti wakhe omncane ukuba baqhubeke nesikole.

UZulu uveze ukuthi umfana lo omcane useyiswe endaweni ephephile uthathwe inhlangano ebizwa nge-Bobby Bear.

“Abazukulu laba abasafunda nabo bazothathwa bayiswe endaweni ephephile” kusho uZulu.

Ugogo, esingeke sikwazi ukudalula igama lakhe ngenxa yokuthi sikhusela abazukulu, uboshwe amaphoyisa akwaMakhutha.

Ugogo nguye umgcini wabazukulu njengoba umama wabo obazalayo sewashona.

Izihloko zakamuva