Umphakathi wase-Eastern Cape uziphilisa ngokulima kanye nokudayisa imifino

Zukile Majova

Abanye bangene bephusha umkhiqizo wabo ongcono kakhulu wasemapulazini ngamabhala kanti abanye basebenzise izithuthi zomphakathi ukuze bafike embukisweni wabalimi abasafufusa emaphandleni obuse-EmaXesibeni e-Eastern Cape, ngoLwesine.

Lokhu kukhombisa ngokusobala umthelela wokuntuleka kwemisebenzi kanye nokukhuphuka kwamanani entengo okudla okwenza abalimi abasafufusa babe abalimi abancane abahwebayo.

Sekuyiminyaka kulezi zindawo imindeni ilima ukuze iphile nemfuyo yayo, kodwa kulezi zinsuku inqwaba ibheke ukugxumela ekulimeni ukuze ithole inzuzo.

UMnumzane uTony Mngweba, ongumlimi wemifino eNtabankulu uthe usebenzisa izingadi ezimbili endaweni yangakubo ukutshala izinhlobonhlobo zemifino.

“Angikwazi ukungena emakethe. Umkhiqizo wami ngiwudayisela umphakathi ikakhulukazi uma kunemishado, imicimbi yesintu namadili ezigodini zaseNtabankulu.”

UMngweba usethole indawo ehlukene izigaba ezinhlanu endaweni yangakubo, kodwa akanayo indlela yokubiyela isiza sakhe nokutshala imifino eningi.

Uthe uzikhiqizela yena ubulongwe bezinkomo, umbila omdala kanye namaqabunga emifino.

Ikakhulukazi abalimi base-EmaXesibeni naKwaBhaca basebenzisa ithuba lezimvula zasehlobo ukutshala amaklabishi, isipinashi, ubhithiludi kanye namazambane kule ndawo engenawo amanzi.

ULixolile Petela, okhulumela umasipala wesifunda i-Alfred Nzo ohlela lezi zigcawu zokucobelelana ngolwazi emadolobheni aseMbizana, i-Mount Ayliff, i-Mount Frere, iNtabankulu kanye ne-Matatiele uthe banethemba lokuthi laba balimi  bazophenduka abakhiqizi bezohwebo.

“Kulo nyaka sinemali engaphezulu kwezigidi ezi-30 zamarandi yokusiza abalimi bendawo ukulima umhlabathi nokutshala izitshalo zabo. Lokhu kuvele kwenza umehluko omkhulu kulesi sifunda njengoba sibona abalimi bekhiqiza ubhatata wase-Afrika eMbizana, amadumbe, ummbila kanye namazambane.”

“Namhlanje simeme osomabhizinisi ukuthi beze bezobona umkhiqizo wabo ukuze laba balimi bathole imakethe yokukhiqiza.”

UZukiswa Ntlangula umele iNhlangano Engenzi Nzuzo yabalimi i-Sanami eqoqa imikhiqizo yemifino ezitolo ezinkulu kubandakanya i-Boxer.

“Manje sesiqoqa isipinashi namaklabishi angaphezu kwangama-500 ngosuku kulesi sifunda ukuze sifakele zonke izitolo zakwa-Boxer esifundeni. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi umkhiqizo wabo awugcini ngokubola unikezwe izingulube,” kusho yena.

Izihloko zakamuva