Everson Luhanga
Amaphoyisa athole ucingo oluvela kumuntu ongaziwa ebabikela ukuthi kunentsha eshaywa iqulu labantu elibasola ngokuthi bayizigebengu.
Intsha eshayiwe ibilele ingakwazi kwenza lutho emgwaqeni, yopha futhi icela ububele kubantu okuthiwa ibantshontshele. Izakhamizi azizange zilalele. Esikhundleni salokho, ziye zaqhubeka “nokubashaya”.
Ngesikhathi amaphoyisa efika ngamaveni amabili aye axoshwa endaweni yesigameko. Izakhamizi ebezithukuthele zigane unwabu azizange zivumele amaphoyisa ukuthi abone lezi zinsizwa zikhahlelwa, zashaywa ngezimvubu, zikhandwa ngamatshe ziphinde zishaywe ngezimpama.
Amaveni amabili amaphoyisa avele ahlehla ahamba.
Umzamo wesibili wamaphoyisa wokuhlenga la madoda uphinde wahlangatshezwa izakhamizi ebezithukuthele zigane unwabu eziphinde zawaxosha, zawatshela ukuthi ahlulekile ukusiza umphakathi kanti bona bazozithathela umthetho ngezandla.
Kufike isithuthi seziguli kodwa nomshayeli waso waxoshwa.
Abasolwa bashayiwe, bafakwa amathayi entanyeni babhunyelwa ngophethiloli. Kodwa ngaphambi nje kokubokhela ngomlilo, kufike amaphoyisa engeziwe abahlenga. Abasolwa baphuthunyiswe esiteshini samaphoyisa lapho abavalelwe khona. Omunye wabo akasindanga.
Lesi sigameko siqale ngehora lesithathu ekuseni ngoLwesine ngesikhathi izakhamizi zibamba osolwa ngokuba ilungu leqembu lezigelekeqe i-Avanza, eliqanjwe kanjalo ngoba lisebenzisa itekisi lendawo ukugebenga abantu. Leli qembu lisolwa ngokugqekeza izindlu nokudubula owesifazane.
Umshayeli ushaywe kusukela ngehora lesithathu ekuseni kwaze kwashaya elesithupha ekuseni. Abahlali baphoqe umshayeli ukuthi akhombe umuzi kamngani wakhe – naye olandiwe wanenebulwa ngenduku.
Abasolwa ngobugebengu bagunyulwe izingubo zokugqoka, bathelwa ngophethiloli bagaxwa amathayi entanyeni.
Bahlengwe amaphoyisa ngaphambi kokuthi bokhelwe ngomlilo. Amaphoyisa abize amanye amaphoyisa, afike ngobuningi ukuzohlenga la madoda.
Khonamanjalo izinsizwa ezimbili ezisolwa ngokweba amabhethri ezimoto zibanjwe iqulu labantu zashaywa, zakhandwa ngamatshe. Osemusha wesihlanu, okusolakala ukuthi untshontshe umakhalekhukhwini ngalelo langa ekuseni, uthole impatho efanayo kubahlali.
Amaphoyisa athathe abasolwa abahlanu abavalela ezitokisini. Kodwa omunye wabasolwa okusolwa ukuthi uyilungu leqembu lezigelekeqe i-Avanza, akabanga nenhlahla efanayo. Ushone phambi kwabangani bakhe ngenxa yokulimala akuthole ngesikhathi eshaywa.
Umholi womphakathi uVincent Ndima, obiziwe ukuzodambisa isimo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukushoda kwezinsiza esiteshini samaphoyisa e-Alexandra sekuholele ekutheni izakhamizi zizithathele umthetho ngezandla.
“Amaphoyisa asabela ngendlela engalungile ngoba sithole ukuthi azikho izinsiza esiteshini. Sidinga amaphoyisa esifundazwe ukuthi asize isiteshi ngabasebenzi nangezimoto,” esho.