Umphakathi uzithathele umthetho ngezandla

Elmon Tshikhudo

Abasolwa ababili abasolwa ngokuba ngabathumbi bakhandwe ngamatshe bashiswa e-Limpopo ngesikhathi bezama ukubaleka ngemuva kokuthi behluleka ukuqhuba umsebenzi wokuthumba.

Abasolwa abathathu bazame ukugebenga kanye nokuthumba owesifazane (23), emini kabha ngemuva kokuthi befike endaweni ematasatasa esigodini sase-Tshavhalovhedzi e-Nzhelele ngoLwesithathu.

Kuyisigameko sakamuva sokuthumba endaweni egcwele ukuthunjwa kwezingane ikakhulukazi emasontweni edlule.

Ngokwesitatimende samaphoyisa abasolwa baphuce owesifazane izimpahla zakhe kanye nomakhalekhukhwini ngesikhathi kubuka abathengi abebemangele.

Babe sebezama ukumfaka emotweni yabo ngenkani, kodwa ngemuva kokuthi eqale ukumemeza ecela usizo baye bamshiya babaleka.

Khonamanjalo abebebukele baye babika ngesigameko eqenjini lomphakathi le-WhatsApp, kanti ngemuva kwesikhashana abasolwa behambile abantu bendawo baqale ukwenza isivimbamgwaqo ukuze bebambe abasolwa.

Abasolwa abazange bafike kude, futhi isivimbamgwaqo siginqe imoto yabo ebigijima ngesivinini esiphezulu yabavalela ngaphakathi.

Abahlali bavimbezele abasolwa babakhanda ngamatshe. Base bokhela imoto yabasolwa ngomlilo bengaphakathi. Ababili bashonele emlilweni.

Ngaphambi kokuthi izakhamizi zibulale umsolwa wesithathu, amaphoyisa afike endaweni yesigameko amhlenga.

Ube esehanjiswa esiteshini samaphoyisa e-Silowama lapho izakhamizi ezihlangene khona zifuna ukuthi akhululwe ukuze ziqedele umsebenzi eziwuqalile.

Kube nezimo ezishubile kubantu bendawo yase-Nzhelele emasontweni adlule ngemuva kokuthunjwa kwezingane eziningi.

Phakathi kwezingane ezinyamalele kubalwa uFiona Matodzi (9) wase-Itsani othunjwe ngesonto eledlule eya esikoleni.

URudzani Muhanelwa (8), wase-Ha-Mavhunga RDP Section naye uduke ngesikhathi ethunywe esitolo ukuyolanda ushintshi mhla zinhlanu kuNcwaba.

UMudzuli Tshilongo (14), wase-Tshitomboni uduke mhla ziyisishiyagalolunye kuNcwaba kanti akakaze atholakale.

Kodwa-ke uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni sase-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe, uthe la macala akuzona izaba zokuthi abantu bendawo bazithathele umthetho ngezandla.

“Umkhuba wamanye amalungu omphakathi wokuzithathela umthetho ngezandla kuzobhekwana nawo ngokungenaluzwela futhi abathintekayo bazozingelwa bagwetshwe,” esho.

Onolwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi athole izisulu ezintathu kumele athinte uDetective Sergeant Manthakha Khorombi ku-060 770 0002/0159638034, i-Crime Stop ku-0860010111, isiteshi samaphoyisa esiseduze noma i-MySAPSApp.

Izihloko zakamuva