Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umphakathi waselokishini laseNyanga eKapa ubuthene ngoLwesithathu ukuzozilela u-Anda Febane.
Lona wesilisa (26) udutshulwe wabulawa abantu abangaziwa ngesikhathi esendleleni ebheke ekhaya ngempelasonto edlule.
Ukubulawa kwakhe kuyisigameko sesine esenzeke kule ndawo enyangeni edlule, nokuyinto eshiye izakhamizi zithuthumela zifuna amaphoyisa angenelele.
UNobeka Chuma oyilungu lekomiti eliqapha umgwaqo endaweni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umphakathi ushaqekile futhi ulusizi ngemuva kokushona kuka-Anda kungazelelwe.
“Asikwazanga ukuhlala singenzi lutho ngesikhathi silahlekelwe umphefumulo ongenacala,” esho.
Umfowabo ka-Anda, uSizwe ubehamba naye ngesikhathi edutshulwa.
“Ngizwe kuqhuma isibhamu kathathu abantu baqala ukubaleka bangena ezindlini zabo,” kusho uSizwe. “Angizange ngikukholwe engikubonile. Bengikhuluma naye imizuzu embalwa ngaphambi kokuthi bambulale.”
Umndeni wakwaFebane ukholelwa ekutheni indodana yawo ibulawe ngephutha ngoba ibigqoke izingubo ezifana nezomuntu obefunwa yilezi zigebengu.
“Ubeyingane elungile. Wonke umuntu ubemazi. Yingakho bemhlelele inkonzo yokukhanyiswa kwamakhandlela. Sizomkhumbula futhi sinethemba lokuthi owenze lokhu uzoboshwa maduze,” kusho uSizwe.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uzwakalise ukuzibophezela komnyango wakhe ekuvikeleni indawo ngamaphoyisa kanye nokubhekana nobugebengu.
“Sikhathazekile ngobugebengu endaweni futhi sifuna ukusebenzisana nomphakathi ukuze kuxazululwe inkinga yobugebengu futhi kubhekwane nezinto ezidala ubugebengu,” esho.
Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi nomndeni bahlangane ndawonye ukuzozilela u-Anda Febane
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze