
Zukile Majova
Likhungethwe usizi iqeqebana lentsha yase-Emaxesibeni e-Eastern Cape njengoba kudingeke ukuthi likhuphuke intaba liyothandazela ukuthi uNkulunkulu angenelele, ngemuva kokushona kwabantu abasha abayisithupha ngesonto elilodwa.
Abantu abasha abahlanu, okuhlanganisa namalungu amathathu amaqembu amabili ebhola endawo, bashone ngesikhathi umshayeli wabo ehluleka ukulawula imoto yabo yohlobo lwe-Nissan NP 200 ngomhlaka-28 kuNdasa.
Ababili kula badlali abadlalela i-Young Challengers FC – uXola Magwagwadla noNkosikhona Mashoai – bese kuba uYongama Mzolisa yena ubedlalela i-Amaxesibe FC.
Amaxesibe FC ihamba phambili kwi-log ku-Stream B kwiligi kanobhutshuzwayo ehlanganisa amaqembu ase-Mt Ayliff, e-Mt Frere naseNtabankulu, kanti i-Young Challengers isendaweni yesibili kwi-log.
Omunye umdlali we-Young Challengers u-Alungile Qolo nguyena kuphela osinde kule ngozi kanti usase-ICU esibhedlela.
Abanye abantu ababili abashone kule ngozi bekungabalandeli bebhola bendawo.
Sengathi lokho akwenele, ukufa kuphinde kwagadla ngoMgqibelo ngesikhathi omunye umdlali webhola we-Young Challengers, uSolomzi Lokothwayo (23), ehlaselwa elele egumbini lakhe ekhaya lakhe.
Izigebengu zihlule le nsizwa ngamandla zayigwaza yaze yashona ngaphambi kokuba zikhiphele isidumbu sayo ngaphandle ebumnyameni.
Omakhelwane bathi izinja ezinolaka zilwe nababulali, zabaphoqa ukuthi balahle isidumbu babaleke.
Akucaci ukuthi ubulaweleni uSolomzi kodwa abangani bakhe bathi uyise osebenza eGoli ubesanda kumfakela imali yokuthi ahambele imidlalo yakhe yebhola ezayo.
Sekube nokweseka okukhulu komphakathi kangangokuthi ngesikhathi uMasipala Wendawo Umzimvubu ubambe inkonzo yesikhumbuzo yabadlali abancane bebhola likanobhutshuzwayo, inqwaba yabantu ababezokhala bebebukela ngamafasitela ngoba ihholo elikhulu lasedolobheni beligcwele phama.
Abadlali ababili bangcwatshwe ngoMgqibelo odlule.
UMagwagwadla uzofihlwa endaweni yase-Mahedeni e-Mt Ayliff ngoLwesithathu ngomhlaka-13 kuMbasa kanti uLokothwayo uzofihlwa ngoMgqibelo olandelayo.
Usihlalo weqembu le-Young Challengers uSamkelo Cawu uyindoda ephukile ngoba umufi ebengumgogodla weqembu lakhe.
Abantu base-Emaxesibeni bakahle manje kanti bajule ngempela ekuzileni. Thina kwa-Scrolla.Africa sithi duduzekani, akwehlanga olungehlanga.