Elmon Tshikhudo
Akekho osinde kwizikhulula kanye nezimvula ebizikhona, kanti futhi izigodi zasemaphandleni eziyisikhombisa ezithembele emgwaqeni u-D3695 osuka e-Tshilamba uya e-Siloam, e-Limpopo, nazo azisindanga.
Abasebenzi abakwazi ukufika emsebenzini futhi nomsebenzi wezomnotho usumile, kodwa inkinga enkulu kunazo zonke ukuthi izingane azikwazi ukuya esikoleni.
Yingakho iqembu labahlali abazinikele bethathe isinqumo sokulungisa lo mgwaqo.
Leli qembu elizibiza nge-Vulabadzhi D3695 Hill Disaster Forum selivele lenze okuncane ukubuyisela impilo emphakathini.
Umholi waleli qembu uHendrick Vele uthe, impilo imile futhi babona kufanele basebenzisane njengomphakathi ukuguqula isimo.
“Njengoba isimo sinje, izikole zivulwe sekwedlule isikhathi futhi izingane zethu azikwazi ukuya esikoleni kanye nabahlengikazi abakwazi ukufika ezindaweni zabo zokusebenza ngenxa yomgwaqo,” kusho uVele.
“Ibhasi okuyilona lodwa elithutha abantu kule ndawo alikwazi ukusebenza noma lidlulele kwezinye izindawo.”
UVele uthe, imizi ngayinye inikele ngama-R10 ukuthenga usimende nezinye izinto zokwakha. Baqale ngomgwaqo wesifundazwe ngaphambi kokusebenza emigwaqeni emincane emadolobhaneni.
“Uhulumeni usitshele ukuthi bazolungisa umgwaqo ngemuva kwezimvula kodwa asazi ukuthi imvula izoma nini,” kusho uVele.
Uthe, bacela ukuxhaswa ngalo msebenzi futhi bayajabula ukuthi ososeshini bamatekisi bendawo sebekhombisile ukuthi bazimisele ukusiza.
“Sinxusa neminye imiphakathi ukuthi isukume izenzele izinto. Umonakalo usuphelile futhi akumele balinde uhulumeni,” kusho uVele.