Umphakathi uzibambela mathupha kwabeba imfuyo

Moyahabo Mabeba

Sishubile isimo esigodini saseGa-Maila eSekhukhume emva kokuthi amalungu omphakathi esethathe isinqumo sokuzibambela mathupha abantu abasolwa ngokweba imfuyo.

NgoMsombuluko kuthiwa amalungu omphakathi avuke umbebjazane abamba amadoda amane asolwa ngokweba imfuyo, awatalabha nokuholele ekutheni amathathu ayothenga ilala.

Ngokusho kwamaphoyisa, izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zibambe abasolwa abangamasela kodwa zangabanikela emaphoyiseni. Kunalokho kusolakala ukuthi babavalele endaweni engaziwa babashaya kwaze kwashona abathathu.

Abashonile kubalwa uJikisa Phokane, uKwena Makwana noSedibana Makwana.

Umsolwa osindile kuthiwa ufunwa uthuli umphakathi.

Khonamanjalo, uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Thembi Hadebe usehlanganise ithimba labaphenyi ukuze lizingele obhongoza.

UHadebe uthe: “Lezi zenzo zokuqapha nokwephulwa komthetho ngeke zibekezelelwe futhi namaphoyisa ngeke aphumule kuze kuboshwe bonke abenzi bobubi.”

Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sithe izigameko zokwebiwa kwemfuyo ezingapheli kule ndawo ziyabakhathaza.

“Sekuyiminyaka eminingi sivinjezelwa izigilamkhuba  ezifika esigodini sakithi zithathe imfuyo yethu ngaphandle kokucabanga ngobuhlungu ezisizwisa bona,” usho kanje.

Uthe maningi amacala asebewabikile emaphoyiseni kodwa akekho oseke waboshwa.

“Uma amaphoyisa engakwazi ukubabopha sizobafuna ngokwethu futhi uma sesibabambile sizobhekana nabo ngqo,” kusho ilungu lomphakathi.

“Sizothumela umyalezo oshubile kwabazoba amasela. Kumele bazi ukuthi ukusintshontshela kunemiphumela emibi kakhulu.”

UDikgari Maserumele uthe wathenga uumhlambi wezinkomo njenge ngxenye  yokutshala imali ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ngasekupheleni konyaka ka-1990 kodwa imfuyo yakhe sebeyintshontshe kathathu.

“Ukuntshontshwa kwemfuyo lapha kuyinkinga enkulu. Siyahluleka ukulwa nalezi zgilamkhuba,” kusho uMaserumele.

“Abantu esingabazi beza lapha bezontshontsha izinja, izimvu, izingulube, izimbuzi nezinkomo”.

Uthe imfuyo ibuye intshontshwe nasemini.

Izihloko zakamuva