Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Ukuntshontshwa kwemfuyo nezinye izenzo zobugebengu kuhlasele izigodi ezimbili eziqhele ngamakhilomitha ayishumi ngaphandle kwase-Mthatha kanti izigameko zodlame ezishaqisayo zicasule umphakathi ukuthi uzithathele umthetho.
Babulale abesilisa abane abasolwa ngokuntshontsha imfuyo ngeSonto, ababili babashisa abanye ababili babenza baminza. Amaphoyisa ase-Eastern Cape asecela usizo lomphakathi ekuxazululeni ukubulawa kwabo. Izidumbu zabo zitholwe ezinsukwini ezimbili zihlukene e-Mthatha.
Isigameko sakamuva sokuntshontshwa kwemfuyo senzeke ngoMgqibelo lapho umphakathi wa-KwaTshemese ubuyele emakhaya uphuma emngcwabeni wafica kuntshontshwe yonke imfuyo.
“Imihlambi yezilwane ibidla ehlathini ngesikhathi kubonakale imoto izilayisha. Kukhona ovele wabikela amalungu omphakathi ntambama,” kusho ilungu lekomidi lesigceme elingathandanga ukudalulwa.
“Abantu abathintekayo abanawo nhlobo amahloni ngoba bakwenza emini kwabha futhi basuke behlome beyizingovolo.
“Ngesikhathi sebebuya ukuzontshontsha ezinye izilwane umphakathi ubusuhlangene wabashisa eduze kwehlathi. Abantu bakhathele ukuntshontshwa kwemfuyo yabo.”
“Ziningi kakhulu izigameko zodlame lapha. Kwesinye isigameko esigodini sase-Kaplan, itekisi ebithwele abesilisa abebehlomie ngezibhamu ifike yagebenga isalukazi esihlala sodwa bafuna amakhadi aso asebhange. Yize amaphoyisa ebikeliwe awazange avele nangokhalo.
“Akukaze kube khona amaphoyisa noma abonakale, kuzona zombili izigodi. Asizithathi njengabantu abangathembela emaphoyiseni nganoma yini. Isikhathi abafika ngaso namaveni amaningi yilapho isixuku samalungu omphakathi ebesenze okuthile kubasolwa.”
Ngehora lesithathu ntambama ngoMsombuluko, amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ngemuva kokutholakala kwezidumbu ezimbili zabesilisa zintanta edamini elise-Kaplan. Amaphoyisa ahlonze abashonile ngoLunga Feya (27) noLuthando Thingithingi (34).
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant-general Nomthetheleli Mene uzigxekile lezi zigameko futhi usejube ithimba elizophenya, ukuthungatha nokubopha abasolwa abathintekayo kuwo womabili amacala.
“Ngiyalithemba iqembu futhi ngeke siphumule kuze kube kukhona okuqhamukayo. Sicela imiphakathi isebenzisane namaphoyisa, ibike nanoma yiluphi ulwazi olungasiza ophenyweni,” kwengeza uMene.
Isithombe esingenhla: Ukuntshontshwa kwemfuyo kuyinkinga endaweni yase-Kaplan Village
Isithombe: Sithunyelwe