Umphakathi uvimbe uMkhulu obefuna ukuhlenga izimpahla zakhe endlini eshayo

Everson Luhanga

Ngesikhathi indlu iqala ukusha, ikhehla elineminyaka engama-77 ubudala uFrance Tjao wase-Alexandra ubehleli ngaphandle esitebeleni sakhe lapho edayisa khona ukuze aziphilise.

Omakhelwane bakhe bamxwayise ukuthi indlu iyasha ngesikhathi kuphuma intuthu ophahleni.

UMkhulu uFrance ubefuna ukuhlenga izimpahla zakhe, kodwa omakhelwane abebethukile bamvimba ukuthi angene endlini eshayo.

Amalungu omphakathi abekhathazekile abengakwazi ukuma nje abuke indlu kaFrance isha iba ngumlotha. Ngakho-ke, ngamabhakede anamanzi baqale ukucisha umlilo.

UVincent Ndima, obengomunye wamaqhawe, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abahlali bahlanganile futhi bazama ukucisha umlilo ngesikhathi kusalindwe ukuthi kufike iloli lezicishamlilo. “Sikhuphukele ophahleni sakha ulayini odlulisela amanzi komunye nomunye.

“Abanye bethu bebesophahleni lwendlu ebivutha, bezama konke okusemandleni ukusindisa indlu kaMkhulu nempahla yakhe,” esho.

UNdima uthe umlilo ubunamandla kakhulu ukuthi ungacinywa ngamanzi asemabhakedeni. “Asizange siyeke ukubhula umlilo kuze kwafika nezicishamlilo ezibe sezisiza.

“Kodwa bafike ngemuva kwendaba njengoba konke obekusendlini kaFrance bese kuphenduke umlotha nje,” esho.

Uthe ngesikhathi abantu bematasa besiza ophahleni lwendlu, abanye bebematasa bevimba uMkhulu ukuthi angangeni endlini yakhe abelwela ukungena kuyo.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uFrance uthe akasakhumbuli ukuthi ngabe ukhohlwe ikhandlela elivuthayo noma cha. “Engikukhumbulayo ukuthi bengikhanyise ikhandlela ngoba sekuphele izinsuku eziningi singenawo ugesi.

“Mhlawumbe umlilo ubangelwe yilelo khandlela,” esho.

UFrance ubonge abahlali ababeke impilo yabo engcupheni ngokusiza kulo mlilo.

UFrance ucela noma yimuphi umnikelo kunoma ngubani ukwakha kabusha ikhaya lakhe.

Izihloko zakamuva