Umphakathi uthumbe amaphoyisa uwasola ngokugwazelwa 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa amabili athunjwe emjondolo womuntu osolwa ngokudayisa izidakamizwa endaweni yaseTembisa, eSithame eGoli ngoMsombuluko ebusuku.

Kodwa bekungayena oshushumbisa izidakamizwa obebathumbile, kodwa bekuyiqembu lamalungu omphakathi!

Ngokolwazi olutholwe i-Scrolla.Africa, amaphoyisa ayiswa endaweni enezidakamizwa ngemuva kokuma asesha abesilisa ababili amabili.

“Abesilisa ababili ngesikhathi bemiswa batholakale nezidakamizwa babe sebebuzwa ukuthi bazithenge kuphi. Ingaleso sikhathi abasolwa abakhombe khona umjondolo okutholwe kuwo abanye ababili okuthiwa bebedayisa izidakamizwa,” kusho ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa.

Ngesikhathi abantu ababili abebekulo mjondolo bebona amaphoyisa bakhiphe ummese nesibhamu bekhomba amaphoyisa.

Amaphoyisa abe esegasela kuqala, kwalimala abasolwa ngokudayisa izidakamizwa. Omunye wabasolwa udubuleke emlenzeni.

Ngemuva kwalesi sigameko kufike i-ambulensi yathatha abasolwa yabayisa esibhedlela.

Ngemuva kwalokho amalungu omphakathi abuthene ngaphandle avala indlela ukuze avimbele amaphoyisa ukuthi angahambi.

Basole la maphoyisa ngokugwazelwa abasolwa ngokudayisa izidakamizwa, bethi bajwayele ukubona imoto yamaphoyisa ima ngaphandle komjondolo okungenani kathathu ngosuku.

Amaphoyisa abethunjiwe abonile ukuthi isimo sishubile afonela amanye amaphoyisa ukuze akwazi ukusizakala ngaphambi kokuba izinto zibe zimbi kakhulu.

Bagcine betakulwe ozakwabo abafike ngeveni yamaphoyisa ebibhaliwe.

Umholi womphakathi u-Elias Pitja Sthuma uchaze kabanzi ngalesi sigameko asibonile.

“Amaphoyisa amabili afike kulo muzi ehamba ngeveni ebibhaliwe eyi-double cab. Ngokushesha angene ngaphakathi egcekeni sabe sesizwa ukuqhuma kwesibhamu kaningi emjondolo”.

Kuthe kungakapholi maseko kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu endlini, abantu ababili abebekule ndawo bakhale becela usizo bethi badutshuliwe.

“Lokhu kudonse amehlo kumalungu omphakathi ahlezi esola ukuthi amaphoyisa athatha imali yokugwazelwa abasolwa ngokudayisa izidakamizwa kulo muzi,” kusho uSthuma.

Amaphoyisa aphenya amacala okuzama ukubulala, ukutholakala nezidakamizwa nokudayisa izidakamizwa.

Abasolwa ababili baboshwe esiteshini samaphoyisa eTembisa Rabasotho ngokutholakala nezidakamizwa.

Omunye umsolwa uboshelwe icala lokuzama ukubulala amaphoyisa nezinsolo zokudayisa izidakamizwa.

Isithombe esingenhla: Abasolwa abagcinwe esiteshini samaphoyisa eTembisa Rabasotho

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva