Umphakathi uthi uzoqhubeka nokuntshontsha ugesi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamuzi zasemijondolo yaseSiyangena ziyafunga ziyagomela ukuthi zizoqhubeka nokudonsa kwisigubhu sikagesi (transformer) esiseduze neNkantolo yeMantshi yasePhilippi.

Le ndawo selokhu yaba isizinda somphakathi kusukela ngoMasingana ngo-2018 kanti iseduze nenxanxathela yezitolo yasePhilippi.

Isakhamuzi uZandisile Ntamo (40) uzwakalise ukuphatheka kabi ngalabo abagxeka ukuxhuma kwabo ugesi ngokungekho emthethweni, wabanxusa ukuthi babuyisele intukuthelo yabo kuMasipala waseKapa.

UNtamo owalwela ilungelo lezakhamuzi lokuthola ugesi ugqamise ukuba khona kwabo isikhathi eside kule ndawo eyakhiwe endaweni yabantu.

“Sahlala lapha kusukela ngo-2018, pho yini evimba uMasipala ukuthi usifakele ugesi endaweni yethu?” ebuza.

Uthe ukholelwa kakhulu ekutheni uma uMasipala uzimisele ngempela ukuhlinzeka thina ngogesi, bekufanele uthenge umhlaba kumnikazi walendawo.

“Sihlale siyizwa indaba yokuthi sisendaweni ephethwe abantu abazimele. Kungani kunzima ukuthi uMasipala uxoxisane nomnikazi wendawo?”

Esinye isakhamuzi esicele ukungadalulwa igama, sizwakalise ukukhathazeka ngezingozi zokuphepha ezidalwa ukuxhunywa ngokungemthetho kukagesi.

“Ababoni yini ukuthi isigubhu sikagesi (transformer) abaxhuma kuso siseduze kweNkantolo. Ngeke yini kuphazamise iNkantolo uma kungenzeka siqhume?”

Ngaphezu kwalokho isakhamuzi sigqamise ubungozi bokunganaki kwama-NGO okubangwa ukuxhunywa kukagesiokungekho emthethweni.

“Nsuku zonke uma ngidlula ngiya emsebenzini kufanele ngigxilise amehlo ami phansi. Uma ngingakwenzi lokho ngingaba nenkinga mhlawumbe yokunyathela ngephutha izintambo zikagesi ezisuka zixhunywe esigubhini sikagesi.”

UNksz Nomsa Zintonga (38) oyisakhamuzi saseSiyangena uvumile ukuthi kuyingozi ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

“Ukube besinokunye ebesingakwenza, besingeke sixhume ngalendlela. Nokho akukho esingakwenza futhi siyabuqonda ubungozi obungenzeka ezinganeni zethu uma zithinta izintambo, kodwa siwudinga kakhulu ugesi,” kusho uZintonga.

Izakhamuzi nezivakashi ngokufanayo zibhekana nokucindezeleka nobungozi.

Ukwesaba ngokuba izisulu zezigebengu ezizulazula endaweni okuhambisana nokusatshiswa ngokucinywa kukagesi, kushiye umphakathi ufuna isinqumo esisheshayo.

UMasipala waseKapa ukucacisile ukuthi umephi njengoba bemile kwelokuthi imijondolo esendaweni iphethwe abantu abazimele.

Umasipala umile ekutheni ngaphandle kwemvume yomnikazi womhlaba, abakwazi ukuhlinzeka ngezinsiza kulo mhlaba.

“Umphakathi wasemijondolo uxhume ngokungemthetho izintambo zikagesi, kungaba izintambo ezihamba phezulu, amakhebuli angaphansi komhlaba, izigxobo zamalambu omphakathi noma izindawo okuhamba khona ugesi.”

Njengamanje uMasipala unxusa yonke imiphakathi ukuthi iqaphe futhi izibophezele ekuvikeleni ingqalasizinda kagesi ngokubika noma yiziphi izinkinga ezihlobene nalokhu eMnyangweni Wezamaphoyisa akuleli kanye noMasipala. 

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi emijondolo yaseSiyangena ePhilippi ezixhume ugesi ngokungemthetho kusukela ngo-2018.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze.

Izihloko zakamuva