Umphakathi usuzovunyelwa ukuya elibeni likaMandela

Lubhalwe nguZavele Mkwabe

Uma umhlaba wonke ukhumbula usuku lokudlula emhlabeni kukaNelson Mandela ngonyaka ozayo indawo yethuna lakhe elise-Qunu izovulelwa umphakathi.

Lokhu kushiwo umzukulu wakhe uNdileka Mandela ngesikhathi ekhuluma eMthatha ngoMsombuluko egameni lomndeni wakwaMandela emcimbini wesishiyagalolunye wokukhumbula ukudlula kwakhe emhlabeni.

UMandela wangcwatshwa endaweni engamamitha ambalwa ukusuka emzini wakhe oseQunu e-Eastern Cape, ngomhlaka-15 kuZibandlela ngo-2013 lapho okwangcwatshwa khona abazali bakhe.

Izinhlelo zokuvulela umphakathi le ndawo okwamanje okungenayo kuyo umndeni kuphela ngesikhathi semigubho yekhulunyaka zimiswe e zamiswa inkantolo ngemuva kokuthi unkosikazi wesibili kaMandela, uWinnie Madikizela-Mandela ethule isicelo esisemthethweni somuzi ose-Qunu.

Wathi ngokwesiko labaThembu impahla ngeyakhe njengoba bayithola ngesikhathi esashade noMandela.

Kodwa-ke, inkantolo yamphikisa yathi ukuphikisa incwadi yefa ngemuva kokudlula emhlabeni komyeni wakhe kuzophazamisa izindlalifa zikaMandela.

Uhulumeni wase-Eastern Cape wagunyaza izinhlelo eminyakeni eyisithupha edlule zokuguqula ithuna likaMandela libe indawo eheha izivakashi endaweni yakhe yokuzalwa eMvezo, indawo okwazalelwa kuyo u-Oliver Tambo eMbizana kanye nendawo okwazalelwa kuyo uChris Hani e-Cofimvaba zibe izindawo zamagugu.

UNdileka Mandela uthe umndeni uthole inqwaba yezicelo eminyakeni edlule ezivela emphakathini ofuna ukuhlonipha uNelson Mandela.

Esithombeni esingenhla: UNdileka Mandela kanye nePhini likaSomlomo esiShayamthetho sase-Eastern Cape, uMlibo Qoboshiyane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva