Umphakathi usuthole isiteshi samaphoyisa ngemuva kweminyakeni engu-15

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uthe ukujabulele ukunikezela ngesiteshi samaphoyisa emphakathini waseMakhaza eKhayelitsha, eKapa, ​​watshela izakhamuzi ukuthi zisivikele futhi zisinakekele.

“Lesi sikhungo akusona esikahulumeni noma ese-SAPS. Singesenu kumele nisivikele ningalinge nisishise ngoba ngeke nisithole esesibili uma nisicekela phansi,” kusho uCele emcimbini obungoLwesine.

“Kuyangijabulisa ukuthi seninesiteshi samaphoyisa, futhi ngeke usasebenzisa itekisi ukuya esiteshini esingaphandle kwendawo yangakini. Lokhu kwenza umsebenzi we-SAPS ube lula futhi kumele nisebenzisane namaphoyisa ukuqeda ubugebengu.”

UCele uthe amaphoyisa akulesi siteshi kumele asebenzele umphakathi angasebenzisi izimoto zombuso uma evakashela izintombi noma amasoka awo noma enze izinto ezithinta wona.

“Qinisekisani ukuthi wonke umuntu ovakashela esiteshini samaphoyisa ezobika ngobugebengu uphephile, ikakhulukazi abesifazane, izingane nezalukazi. Angalinge abuyele ekhaya owesifazane owophayo ukuze ayoxoxisana nomenzi wobubi,” usho kanje.

UNdithini Tyhido, owayengusihlalo weKhayelitsha Development Forum nosenguSihlalo we-ANC esifundeni iDullah Omar uthe sekuphele iminyaka engu-15 umphakathi ulwela ukuthola lesi siteshi samaphoyisa.

“Siyajabula ukuthi sesakhiwe ekugcineni. Manje izakhamizi sezingakwazi ukuya esiteshini samaphoyisa,” usho kanje.

UMnuz Lulama Ngcanase (45) oyisakhamuzi uthe ukuba nesiteshi samaphoyisa kuzoletha izinguquko eziningi.

“Abanye abantu bebenza ubugebengu bazi kahle ukuthi asinaso isiteshi samaphoyisa noma imali yokuya esiteshini samaphoyisa,” kusho uNgcanase.

“Amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane ayahoxiswa ngoba abanye besilisa bahlukumeza ophathina babo bazi ukuthi asikho isiteshi samaphoyisa esiseduze.”

Ngesikhathi enikezela ngesiteshi samaphoyisa uCele utshele izakhamuzi ngokubaluleka kokuhlonipha ifulegi laseNingizimu Afrika.

“Ngingumuntu waseNingizimu Afrika ozigqajayo. Kunezinto ezimbalwa ezisihlanganisayo noma siyizitha, enye yalezo zinto yifulegi laseNingizimu Afrika.”

Ekhuluma ngesikhangiso esingenanhlonipho seDA esibonisa ifulegi elivuthayo, uCele uthe: “Angazi ukuthi umuntu angavunyelwa kanjani ukuthi ashise ifulegi laseNingizimu Afrika. Angikuqondi uma othile eshisa ifulegi lesizwe.”

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele unikeza umphakathi waseMakhaza isiteshi samaphoyisa.

Ikhredithi Yesithombe: Buziwe Nocuze.

Izihloko zakamuva