Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ngesikhathi kubuya ugesi ngemuva kokucishwa kwawo e-Nellmapius Extension 1, kulandele isililo esikhulu.
Umtholampilo wendawo ubusha.
Abezimo eziphuthumayo bazamile ukuwucisha ngokushesha umlilo, kodwa bese kwephuze kakhulu.
Umlilo ucekele phansi igumbi lamafayela kanjalo namafayela eziguli angqongqiswe umlilo aba umlotha.
Izakhamuzi zisola ukucishwa kukagesi ngokusha komtholampilo. U-Imelda Ngwepe uthe ngesikhathi kubuya ugesi bezwe ukuqhuma okukhulu ngemuva kwalokho kwagqamuka umlilo.
“Umtholampilo ubuvaliwe ngoba bekusebusuku. Izakhamuzi ebezifuna ukuzama ukucisha umlilo bezizosebenzisa amabhakede, kodwa zehlulekile ngoba amasango abekhiyiwe. Sibuke igumbi lamafayela lisha lingqongqa.” U-Imelda uthe umlilo ucekele phansi umphakathi.
“Umama odla imishanguzo yezifo ezingalapheki bekumele ayobonana nodokotela emtholampilo ngoLwesibili. Manje kufanele aye e-Mamelodi noma e-Silverton. Angicabangi ukuthi ifayela lakhe lisindile. Yonke imininingwane ngempilo yakhe ayisekho.”
UNgqongqoshe wedolobha lase-Tshwane wezeMpilo uRina Marx uthe ukuntshontshwa kwamakhebula yikho okudale umlilo.
UMarx uchaze ukuthi lokhu kuntshontshwa kwamakhebuli kwenzeke ngesikhathi kucishwa ugesikwagqamuka inhlansi kwase kuqala umlilo.
“UMnyango wezimo eziphuthumayo uyaphenya ukuthi ungakanani umonakalo odalekile futhi umtholampilo uzovalwa ukuze kuphothulwe uphenyo nokuhlolwa,” kusho uMarx.
“Sinxusa zonke izakhamuzi ebezithembele kulo mtholampilo ukuthi zisebenzise imitholampilo eseduze e-Silverton, i-Mamelodi West kanye nePhahameng.”
Uthe akucaci ukuthi uzovula nini umtholampilo.
Esithombeni esingenhla: Amafayela ashile ngesikhathi umtholampilo uvutha e-Nellmapius.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe