Everson Luhanga
Amalungu omphakathi e-Alexandra afulathele amaphoyisa ngoba ebona sengathi ahlulekile ukuwavikela.
NgeSonto, esehlakalweni esinyantisa igazi umphakathi, ubulale ngesihluku umsolwa obesolwa ngokuba isigebengu emijondolo yase-Alexandra e-Organic Market ngaphambi kokuxosha amaphoyisa.
Isisulu, esidume ngokubamba inkunzi emgwaqeni, sithukuthelise umphakathi ngesikhathi sithatha umakhalekhukhwini wowesifazane nemali emkhombe ngommese ekuseni ngeSonto.
Isigebengu sibe sesiyalela lo wesifazane ukuthi asiyise endlini yakhe lapho ebesizofike sithathe khona yonke impahla yakhe.
Ngesikhathi owesifazane eya emjondolo wakhe, ubone abantu ababedlula ngendlela wase ebona ithuba, wamemeza wathi, “Vimba!”
Amalungu omphakathi aye alalela ukukhala kwakhe afika ngobuningi ezomhlenga. Kodwa ngesikhathi bevalela umsolwa ekhoneni, indaba iye yathatha ingwijikhwebu.
Uye wabanjwa, washaywa, wafakwa ithayi lemoto entanyeni, wathelwa ngophethiloli wase eyashiswa. Amalungu omphakathi ebebukela ngesikhathi esha.
UNetro Shivambu, ozibonele kubulawa, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umlisa ubesaphila ngesikhathi izakhamizi zimthela ngophethiloli zimokhela ngomlilo.
UShivambu uthe ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ebambe umsolwa obegebenga, isisulu sakhe size phambili sakhomba umsolwa.
Ngesikhathi umsolwa esachaza ukuthi akalenzanga icala, elinye lamalungu omphakathi licele inombolo yesisulu yemakhalekhukhwini layishayela.
“Ucingo lukhale emakhukhwini ebhulukwe lomsolwa futhi lokhu kubacasule kakhulu,” kulandisa uShivambu.
Uthe baqale bamshaya ngamatshe, izinduku kanye nezitini.
“Ngesikhathi esashaywa omunye ufike namathayi emoto kanye nophethiloli. Bamfake ithayi lemoto entanyeni bamthungela ngomlilo esaphila.”
UShivambu uphinde wathi ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko axoshiwe ajikijelwa ngamatshe yizakhamizi.
Izakhamizi zitshele amaphoyisa ukuthi bazoqhubeka nokuzithathela umthetho ngezandla ngoba akusizi ukubika izigebengu emaphoyiseni.
Omunye ufakazi, uLinda Makgalemele, uthe owesilisa oshiswe washona nguye kanye umsolwa owamphuca umakhalekhukhwini wakhe cishe ezinyangeni ezintathu ezedlule.
“Sikhathele ukuhlukunyezwa yizigebengu namaphoyisa engazigcini ejele,” usho kanje.
“Njengoba amaphoyisa ehluleka ukubagcina ejele, sizobagcina emathuneni.”
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Dimakatso Sello uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti akekho osaboshiwe.
UColonel Sello uthe amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi uyeke ukuzithathela umthetho ngezandla ngoba lokho kuyicala. Amalungu omphakathi ayelulekwa ukuthi abike noma yiziphi izenzo zobugebengu ku-Crime Stop Line ku-08600 10111 noma alume amaphoyisa indlebe ngokungazidaluli igama ku-MySaps App. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa njengoluyimfihlo kakhulu.