Umphakathi ushise iloli ngemuva kwengozi

Lungani Zungu

Izakhamizi zasoPhongolo ebezidinwe zigane unwabu zishise iloli eduzane nalapho okwenzeke khona ingozi enyantisayo edlule nemiphefumulo yezingane ezifunda amabanga aphansi ezingu-19 kanye nabantu abadala ababili ngoLwesihlanu.

Le ngozi ebandakanya iloli neveni ebithwele izingane yenzeke ku-N2 ngaseGodlwayo oPhongolo enyakatho yeKwaZulu-Natal.

NgoMgqibelo ebusuku, izakhamizi zivale umgwaqo ophithizelayo u-N2 ngamathayi avuthayo zashisa neloli zifuna kwenziwe ubulungiswa kwabashonile.

Lezi zakhamizi zithe izicelo zazo zokuthi kube nezinyathelo zokuphepha emgwaqeni azilalelwa.

“Sizoqhubeka nokuvala lo mgwaqo kuze kube uhulumeni usebenzisa izindlela zokuphepha lapha. Kuhlale kunezingozi lapha ngoba ayikho imithetho yomgwaqo eqinile,” kusho isakhamuzi uMnu Smiso Khumalo.

“Ukubambezeleka kokuboshwa komshayeli weloli obaleke endaweni yesigameko ngoLwesihlanu nakho kuwuthukuthelisile umphakathi,” kusho uKhumalo.

Umshayeli weloli uboshwe ngoMgqibelo kanti uzovela enkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngoMsombuluko.

Umholi womphakathi wendawo uNtshangase uthe: “Abantu bathukuthele ngemuva kwengozi eyenzekile. Bakholelwa ukuthi le ngozi ibingagwemeka.”

Okhulumela i-IFP kwezokuThutha uSteven Moodley, uthe abawafuni amazwi enduduzo.

“Sifuna ukuthi kuthathwe izinyathelo zokunciphisa izingozi zomgwaqo kanye nokubuyisa ukuziphatha ngendlela emigwaqeni yethu,” esho.

“Bangaki abantu okufanele bafe ngaphambi kokuthi iziphathimandla zisukumele lolu daba futhi ziqede izingozi emigwaqeni yethu?”

Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe walo mnyango uMnu Sipho Hlomuka avakashele imindeni eshonelwe namuhla.

Izihloko zakamuva