Umphakathi ushise abafana abathathu ngezinsolo zokuduna izimoto

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu ashise abafana abathathu ngezinsolo zokuduna izimoto elokishini laseNelson Mandela Bay, Kwanobuhle e-Kariega ngempelasonto.

Emasontweni edlule leli lokishi lihlaselwe yizigameko zokudunwa kwezimoto.

Isixuku ebese sikhathele ukuphila nalezi zigameko zokudunwa kwezimoto, sithumbe abafana abathathu abadume ngokudla izidakamizwa nokubamba inkunzi endaweni babashaya ngaphambi kokuthi babashise emgwaqeni.

Kwividiyo ebonwe yi-Scrolla.Africa okusolwa ukuthi yathathwa ngaphambi kokuba abafana bashiswe, omunye wabafana uzwakala etshela isixuku ukuthi akazebi izimoto.

“Ungabuza ubhuti oseceleni kwakho uyangazi. Angizintshontshi izimoto,” esho ebonisa ubumsulwa bakhe.

Nokho, izicelo zabafana nokuziveza ubumsulwa ziwele ezindlebeni ezingezwa njengoba beshiswe baze bashona.

Amagama abashonile akhishwe ngoLwesibili ntambama: uJikelana Liyema (20), uTsepo Konaha (19) noSiyolise Hans (18).

Isishoshovu somphakathi uThamsanqa Nkevu, obambe elikhulu iqhaza ekuqedeni ubulungiswa bezixuku Kwanobuhle ukugxekile ukubulawa kwabantu.

“Kuyichilo ukuthi umphakathi ushise izingane ezintathu ngaphandle kobufakazi. Akekho owababona bentshontsha izimoto. Babulawe ngenxa yezinsolo nje,” usho kanje.

UNkevu uthe ezinyangeni ezimbili ezedlule okungenani intsha eyishumi ike yashaywa noma yabulawa ngamalungu omphakathi ngezinsolo zobugebengu.

“Abafana abathathu bashiswa ngezinsolo zokweba amakhebuli ngoNhlaba, kwathi abathathu bashaywa ngoNhlangulana njengoba manje sekushiswa laba abathathu. Imuphi umphakathi obulala izingane zawo esikhundleni sokuthi uzikhuze?”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Priscilla Naidu usiqinisekisile lesi sigameko.

“Kusolakala ukuthi ngoMgqibelo mhlaka-22 kuNtulikazi ngezithuba zabo-18:00, amaphoyisa ahambele isikhalo sezidumbu ezishile ezitholwe ku-Tyhume Street ngemuva kwehlathi Kwanobuhle.

“Ngesikhathi befika amalungu omphakathi abemi eduze kwezidumbu ebezisha.

Olunye uphenyo luveze izidumbu zabesilisa abathathu.”

UNaidu uxwayise kakhulu amalungu omphakathi ukuthi ayeke ukuzithathela umthetho ngezandla.

 “Amaphoyisa axwayisa imiphakathi ukuthi amaforamu agada umphakathi akuyona indlela efanele noma esebenzayo yokuxazulula ubugebengu. Ekugcineni kuholela ekulimaleni okukhulu kwabantu kunokwenza okuhle futhi kubukela phansi imigomo yomphakathi onobulungiswa,” kusho yena.

UNaidu wengeze ngokuthi amaphoyisa aphenya icala lokuthumba nelokubulala.

Esithombeni esingenhla: Ikhasethi yamaphoyisa

Izihloko zakamuva