Sandiso Phaliso
UMakhaya Bomvana ubengunogada osebenza ebusuku e-Golden Highway shopping centre e-Mdantsane kwisifunda sase-Eastern Cape.
Lo mlisa oneminyaka engama-38 ubekwe izinsolo omakhelwane zokuthi wanikeza izigebengu icebo lokungena enxanxatheleni yezitolo ebusuku.
Iqembu lomakhelwane abagadayo babe sebemubopha ngentambo bamshaya waze washona.
Amalungu amane omphakathi aseboshiwe abekwa icala lokubulala, elokuthumba, nelokuhlasela kanye nelokuhlukumeza. Okhulumela amaphoyisa ukaputeni Nkosikhona Mzuku uqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa waphinde wathi abanye abasolwa bebeza ngaphambili bezobika ukuba nabo bahlaseliwe umphakathi olwa nobugebengu.
UBuntu Kamlana, uXolile Bala, uSipho Mtali kanye noThomas Bvukyimhuri abaqhamuka e-Zimbabwe ngokuzalwa, bavele okwesithathu enkantolo yase-Mdanstsane bezofaka isicelo sebheyili. Icala limisiwe kuze kube uLwesibili oluzayo.
Ngesikhathi kukhona ababoshwayo umndeni wakwaBomvana ubucabanga ukuba bazothola ubulungiswa ngendodana yabo.
Okubathusile amalungu omphakathi angamakhulu abebalwela, amashele enkantolo ukuyoseka ababulali bengane yabo.
Baphume ngobuningi babo bebhikisha befuna kudedelwe abasolwa ngokubulala ingane yethu njengoba kuze kwavalwa amabhizinisi namatekisi abemisiwe ukuba angahambi.
Okhulumela abakade bebhikisha umakhelwane kwiqembu labantu abagada le ndawo uLwandiso Mafu, uthe ubejabule kakhulu ngendlela abantu abaphume ngobuningi babo.
“Umphakathi uqokelela imali ukuze bakhokhele abammeli nalaba ababoshiwe bathole ibheyili. Umphakathi uyaseseka ngoba bayazi ukuba sigada le ndawo ngenhloso yokubavikela kwizigebengu” kusho uLwandiso.
Abanye abahlali batshele i-Scrolla.Africa ukuthi selokhu kwama iqembu ebeligada imigwaqo yabo ubugebengu sebuqale phansi banyuke kakhulu.
“Sizizwa siphephile uma ngabe kukhona abantu abagada indawo yethu, kodwa manje izigebengu zisizakala ngathi” kusho umhlali.
Umama kaBomvana uNomathemba uthe “akekho umzali okumele azwe ubuhlungu engibuzwayo. Uma ngabe uMakhaya ubelenzile icala, bekumele ngabe balubike udaba emaphoyiseni. Bamubulale njengenja”.
Uthe umangale kakhulu ukuthi kukhona umphakathi oseka abasolwa.
“Abantu bajabulela ukufa kwakhe bebungaza sengathi ubeyisigebengu esikhulu” kusho umawakhe.