Umphakathi ukhungathwe owesilisa oncelisa abesifazane ubuntu bakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zaselokishini lase-Europe zihlalele ovalweni njengoba kubikwa ukuthi owesilisa ohlome ngezibhamu ezimbili uphoqa abesifazane ukuthi benze izenzo zocansi.

Lo mlisa uzingela abesifazane baselokishini laseGugulethu, eKapa futhi ubaphoqa ukuthi bamenze ucansi lomlomo.

Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa ngoba lesabela impilo yalo lidalule ukuthi umsolwa ucishe washaya izingane zakhe.

“Ungene endlini yami wacela amanzi. Kodwa ngesikhathi eqeda ukuphuza amanzi uye wakhipha isitho sakhe sangasese wasidlalisa phambi kwezingane. Izingane bezikhala zithuthumela kuze kwaphoqa ukuthi omunye umfana amjahe kodwa lo mlisa uye wanyamalala emijondolo,” kusho lona wesifazane.

Owesifazane (39) obebuya endaweni yokucima ukoma uzithole ebhekene ezinhlamvini zamehlo nale ndoda.

“Ngiqale ngacabanga ukuthi uzongigebenga. Ngiye ngamangala ngesikhathi engitshela ukuthi ngiguqe phambi kwakhe. Bengisamangele ngisazama ukuqonda ukuthi kungani engiphoqa ukuthi ngenze lento,” esho.

Lona wesifazane ube esebona owesilisa ekhipha isitho sakhe sangasese emtshela ukuthi enze ucansi lomlomo kuye.

UBetty Zoduma Duli-Mkinase oyisishoshovu somphakathi uzwakalise ukushaqeka ngezinto ezenzeka kule ndawo.

“Kubukeka sengathi lo mlisa uqonda noma ngubani. Uhlasela noma yinini futhi akakhethi ukuthi abantu baya emsebenzini noma basendleleni ebheke ekhaya,” esho.

Uthe nakuba le ndoda yaziwa ngokugqoka umfaniswano wakwa-Eskom, uyakungabaza ukuthi isebenza kwa-Eskom wathi kungenzeka ukuthi webe umfaniswano.

Esinye isakhamuzi sitshele i-Scrolla.Africa ngobukhulu obushaqisayo besitho sangasese salo mlisa.

Ikhansela eward 40 uBongani Ngcombolo uzamile ukubamba umsolwa kodwa akazange aphumelele.

“Ngimbone kancane nakuba ngingambonanga ebusweni ngesikhathi ilungu lomphakathi lihlaba umkhosi. Ngiye ngazama ukumbamba kodwa bekusekuseni kakhulu futhi  bengingagqokanga ngendlela efanele,” kusho uNgcombolo.

Uphindele endlini yakhe ngejubane eyogqoka izimpahla ezifanele ukuze aqhubeke nokujaha lo mlisa.

“Ngizame ngawo wonke amandla ukusheshisa kodwa ngesikhathi ngibuyela phandle ngigijima ngibheke ngalapho aye ngakhona angizange ngimthole,” esho.

“Ngihlele ukuthi ngihlangane nomphathi siteshi maduze ukuze sakhe isu lokumbamba. Noma kanjani sizombopha.”

Esinye isakhamuzi siphakamise isu eliyingqayizivele lokubhekana nalo mlisa.

“Amadoda akule ndawo kumele aqale agqoke izingubo zabantu besifazane ukuze lesi sigebengu sibone sengathi ngabesifazane. Uma sesimbambile sizoqinisekisa ukuthi uhlangana namadlozi akhe.

Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi ase-Europe elokishini laseGugulethu, eKapa ahlalele ovalweni ngemuva kwezigameko zowesilisa ophoqa abesifazane ukwenza ucansi lomlomo.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva