Umphakathi ukhathazwa eyokuhlaselwa kwamabhasi 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

“Ngiyajabula ukuthi ngisaphila mhlawumbe ukube inhlamvu ingene endaweni ebucayi ngabe sikhuluma okunye njengamanje.”

Lo mgibeli udutshulwe emlenzeni ngesikhathi ibhasi le-Intercape abehamba ngalo lihlaselwa abantu abakade behlomile ngehora leshumi ebusuku ngeSonto.

Isisulu esineminyaka engu-42 ubudala sicele i-Scolla.Africa ukuthi singadaluli igama laso ngoba sisabela impilo yaso.

Ubegibele ibhasi le-Intercape elibangise ekhaya eKapa ngesikhathi lihlaselwa ngase-Cradock.

Umshayeli utshele abagibeli ukuthi ibhasi likhandwe ngamatshe, kodwa akazange ame ngoba ubengazi ukuthi abahlaseli bazokwenzani ngokulandelayo.

Ngemuva kwemizuzwana, isisulu sizwe kushisa ethangeni laso kwesokunxele ngesikhathi sibheka sabona igazi. Lo wesilisa obethukile utshele obeseduze kwakhe ukuthi udutshuliwe.

Kube nomunyu kwabanye abagibeli njengoba lokhu kwenzeke emgwaqeni njengoba bekuhlaselwa inqwaba yamabhasi, okuvele ukuthi kumbandakanya igenge yamatekisi.

Isisulu sizwakalise ukungakholwa ukuthi isigameko esifuze lesi senzeke kanjani ebhasini lakwa-Intercape, akhethe ukuligibela ngenxa yokuphepha nokuthula kwalo. “Angikaze ngicabange ukuthi ngingadutshulwa ngingaphakathi ebhasini futhi okuxakayo yimina ngedwa othole ukulimala kuleli bhasi.

“Abantu banesihluku udubula kanjani ibhasi eligcwele abagibeli? Abanazinhliziyo ngoba bekukhona nezingane ezincane sonke besizifunela uhambo olunokuthula.”

Ngenhlanhla uphume esibhedlela ngoMsombuluko ntambama. Ubelinde imoto yakwa-Intercape ezomhambisa eKapa njengoba lo wesilisa olimele ubengasakwazi ukulinda ukufika ekhaya.

I-Intercape ikuqinisekisile lokhu kuhlasela yathi amabhasi ayo amathathu ahlaselwe e-Eastern Cape ngeSonto. Khonamanjalo okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Eastern Cape uWarrant Officer Majola Nkohli uthe baphenya icala lokuzama ukubulala.

I-Intercape icele iziphathimandla ukuthi zisukume ngokushesha ukubhekana nalokhu kuhlasela futhi kube khona ababoshwayo. “Angaphezu kuka-130 amacala avuliwe kwa-SAPS e-Eastern Cape futhi akekho noyedwa osaboshiwe,” kusho inkampani.

Lokhu kuhlasela kwakamuva kwenzeka ngemuva kwesinqumo seNkantolo ngoZibandlela nyakenye esaphoqa owayenguNgqongqoshe wezokuthutha ngaleso sikhathi uFikile Mbalula ukuthi akhulume ngokuhlaselwa kwabashayeli bamabhasi e-Intercape abahamba ibanga elide, ngokombiko we-News24.

INkantolo enkulu yase-Eastern Cape eMakhanda iyalele ukuthi uMbalula asukume ngokushesha aqhamuke nohlelo lokuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli nabagibeli bamabhasi,” kusho isitatimende se-Intercape.

Sekubikwe izigameko zodlame  ezingaphezulu kuka-150, okubalwa kuzo ukudubula, ukukhandwa ngamatshe, nokusabisa ezibhekiswe kumabhasi e-Intercape nabanye ososeshini abahamba amabanga amade, kanti kulokhu kuhlasela kusolwa ososeshini bamatekisi abakhohlakele abafuna ukulawula imizila.

Udlame oluqhubekayo selunyuse itwetwe kubagibeli, ikakhulukazi njengoba kulindeleke ukuthi abantu abaningi bavakashele imindeni ngempelasonto ezayo yePhasika.

Isithombe esingenhla: Ibhasi elihlaselwe ngeSonto

Umthombo wesithombe: UZandile Bangani

Izihloko zakamuva