Umphakathi ukhala ngokubulawa kobelwisana nobugebengu

Everson Luhanga

Owesilisa obeyiqhawe  elokishini likaWinnie Mandela e-Tembisa, e-Ekurhuleni, owachitha izinsuku zakhe zomvalelandlini esindisa intsha ukuthi ingalimali, ugwazwe washona iqulu lentsha.

Ngenkathi i-Covid-19 iqala emhlabeni wonke ngoNdasa ngonyaka ka-2020 kwethulwa ukuvala kwezwe lonke, kanti uMoganda Madikoto wakubona kuwumsebenzi wakhe ukujoyina abagadi basemgwaqeni futhi asize ukuvikela umphakathi wangakubo.

Nokho, izigebengu eziningi elokishini i-Winnie Mandela e-Tembisa, e-Ekurhuleni, zabona imithetho yomvalelandlini njengethuba lokuxhaphaza izakhamuzi zendawo, ngokusho koSihlalo womkhakha u-Ishmael Bambo.

Uthe izigebengu bezingena ngisho ezindlini ngophahla ukuze zigebenge zihlasele abantu abangenacala.

Ngokushesha uMoganda waziwa kakhulu elokishini. Izakhamuzi zimchaze njengomgadi kanye nomsamariya omuhle owasiza ekugcineni indawo iphephile.

 Wanconywa njengeqhawe lendawo ngesikhathi ehlenga ingane eneminyaka emithathu edlwengulwe ikhehla.

“Wabamba umsolwa yedwa wamnikela emaphoyiseni amvalela,” kusho uBambo.

UMoganda uphinde wahlenga intombazane eneminyaka engu-18 ubudala kubathumbi ababeyithumbile isikhathi esingaphezu kwesonto.

Kodwa ngomhlaka-23 kuMasingana, uMogando ugwazwe wabulawa iqembu lezigelekeqe.

I-Scrolla.Africa ikhulume no-Edwin Boloka umphathi weqembu labaqaphi bomphakathi uMoganda abebasebenzela.

“Ubehlale ebonakala emigwaqeni evikela abantu,” kusho Boloka.

U-Edwin uthe uMoganda ungomunye wabantu abahola ithimba lamalungu omphakathi abafuna ukuthi i-Winnie Mandela iphathwe ngamaphoyisa ase-Olifantsfontein hhayi i-Tembisa Rabasotho.

Uthe amaphoyisa asesiteshini sase-Tembisa Rabasotho asewushiyile umphakathi futhi abavamile ukubona iveni lizulazula emigwaqeni.

NgoMsombuluko, izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zigasele esiteshini samaphoyisa ngenxa yobugebengu  obunganakiwe emphakathini.

Okhulumela isiteshi samaphoyisa ase-Tembisa Rabasotho, ukaputeni Manyadza Ralidzhivha, ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi sebudlangile ubugebengu kulendawo.

Izihloko zakamuva