
Linda Ximba
Sekuphele isonto umhlambi wezindlovu ezinhlanu uhlukumeza abantu base-Hlehleni enyakatho neKwaZulu-Natal.
Lezi zindlovu zilimaza izitshalo zabantu kanti futhi kubikwa ukuthi sezicekele phansi nendlu yokukhonzela.
Lezi zindlovu kukholakala ukuthi zivela e-Mozambique.
Abalimi bavuka njalo ekuseni izitshalo zabo zilimele.
“Sazibona ngesikhathi sizwa umsindo wommbila ensimini saphumela ngaphandle siyobheka sazithela phezu kwezindlovu,” kusho uThulasizwe Makhanya wendawo etshela i-Scrolla.Africa.
Kodwa bavuke ngoLwesibili bazithela phezu kwenye inkinga.
“NgoLwesibili sithole ukuthi iminyango yesonto ivuliwe. Sithole izihlalo, ipulpiti nezinye izinto ziphukile futhi zilimele. Silubikile lolu daba kwa-KZN Wildlife,” kusho isakhamuzi sakule ndawo uMakhanya.
“Sifikelwe ukwesaba lapho sibona izindlovu zivele zabheka ngakithi. Besingazi ukuthi senzeni satshelwa ukuthi ziyingozi lakhulu.”
UMakhanya uthe bathola izikhalo zonke izinsuku ngalezi zindlovu.
Okhulumela i-KZN Wildlife uMusa Mtambo ukuqinisekisile ukuthi bathole izikhalo kubahlali. Uthe lezi zilwane akuzona ezeziqiwi zabo.
Uthe uphenyo lwabo luveza ukuthi kungenzeka ukuba lezi zilwane ngezasendle, wengeza ngokuthi basile nokuthi ziqhamuka e-Mozambique.”
UMntambo unxuse izakhamuzi ukuthi zingazithwebuli izithombe noma zisondele eduze kwalezi zindlovu ngoba ziyingozi.