Umphakathi ukhala ngesiteshi samaphoyisa esivalwayo ebusuku 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

siteshi samaphoyisa saseLanga eKapa sihlezi sikulungeke ukusiza abantu kodwa ngezikhathi ezithile kuphela zosuku.

Kuthiwa sibuye sivalwe ngenxa yokubalekela ukubanjwa inkunzi.

Isakhamuzi sivakashele esiteshini samaphoyisa ngezithuba zehora lesihlanu ekuseni, kodwa sangakwazi ukungena ngoba isango belikhiyiwe.

“Ngizamile ukushayela amaphoyisa ucingo, kodwa langabanjwa,” kusho u-Amandla Mgojwana etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngithinte umphathi siteshi, ngibuza ukuthi kungani bekhiya isiteshi samaphoyisa.”

Umphathi siteshi kuthiwa umtshele ukuthi bekufanele acindezele inkinobho, kodwa ibingekho.

“Uthinte amaphoyisa abesemsebenzini ukuthi angivulele nangempela avula,” kusho u-Amanda.

“Cabanga nje ukube ngike ngaba nebhadi lokuhlaselwa bengizohlaselwa ngaphandle kwesiteshi njengoba isango belikhiyiwe.”

Uthe kuzoba nomehluko omkhulu uma amaphoyisa etshalwa ngendlela okufanele abe ngayo.

“Sizoyeka ukukhala ngamaphoyisa angawenzi umsebenzi futhi akekho ozofuna ukulala emsebenzini noma abe nombono ngamalungu omphakathi.”

Isishoshovu somphakathi uMphostoli Zongamenele Baliso uthole imibiko eminingi ngalesi siteshi waya khona eyobuza ukuthi sivalelwani.

“Bathi kungenxa yokugqekezwa kwezinye iziteshi zamaphoyisa,” kusho uBaliso.

Kodwa kuthiwa uthole ukuthi amaphoyisa asivala ngoba esuke efuna ukulala. Ngakho ucele izakhamuzi ukuthi zithathe izithombe zamaphoyisa elele.

“Ziningi izindaba, kodwa lesi siteshi siyehluleka ukuhlinzeka umphakathi futhi sidlulisela abantu kuLanga Safety Patrol.”

Umphathi siteshi uColonel Tebogo Jacobs uthe ukukhiya isiteshi kuyingxenye yezinyathelo zokuphepha kwamaphoyisa futhi akwenzeki kwaLanga kuphela.

“Ukulawulwa kokungena kwabantu kumele kubhekwe, ikakhulukazi ebusuku. Amasango asetshenziselwa ukuphepha futhi kunemithetho okufanele ilandelwe yizo zonke iziteshi,” kusho uJacobs.

Yize kunjalo, ukugcizelele ukuthi amasango okuphepha angeke asetshenziswe ukuvimba umphakathi ukuthi ungene esiteshini.

“Ngokwerekhodi isiteshi samaphoyisa asivali, kodwa isango lezokuphepha lizovalwa ebusuku. Umphakathi kumele ucindezele inkinobho ukuze amalungu avule isango lezokuphepha.”

Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphyisa sakwaLanga

Umthombo wesithombe: Vukani News

Izihloko zakamuva