Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Isela elesabekayo selilethe ukwesaba kwizakhamizi zase-Khayelitsha eKapa. Kuthiwa le ndoda ayisho lutho kwizisulu zayo. Kunalokho kuthiwa ibhonga njengebhubesi bese iyabahlasela.
Izakhamizi zakuleli lokishi zifuna umndeni womsolwa oyisimungulu uphendule ngezenzo zakhe.
Umsolwa ongakwazi ukukhuluma ngenxa yokulimala esemncane usolwa ngokweba omakhalekhukhwini, imali kanye namawashi ezisulu zakhe.
UNeziswa Malambile oyisisulu salo mlisa ulandise ngokwenzeke kuye kwi-Scrolla.Africa. Wayehamba eya enxanxatheleni yezitolo ngesikhathi ebona indoda emi emgwaqeni. Ngesikhathi lo mlisa ebona uNeziswa uye wabanga umsindo owesabekayo.
“Ngithe ngisamangazwe yilento ayenzayo uye wangishaya. Ubenolaka futhi ethukuthele kanti ngiye ngabona ukuthi angangihlasela kakhulu uma nginqaba noma ngizama ukulwa naye,” esho.
Umphakathi ubulokhu ubikela umndeni wakhe hhayi amaphoyisa; batshele i-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa ebengeke enze lutho ngomsolwa. Kuthiwa Umndeni uye wakhokhela izisulu eziphucwe omakhalekhukhwini.
Kodwa-ke, izakhamizi eziningi sezikhathele yilesi simo futhi zifuna kuthathwe izinyathelo ezibonakalayo.
Unina womsolwa unovalo lokuthi indodana yakhe ingase ibulawe ngoba abantu bakhathele. “Udla izidakamizwa kanti ngazama ukumsiza kodwa bangitshela ukuthi ngeke bamthathe umuntu osesimweni sakhe ngoba ayikho indawo yokuhlunyeleliswa kwezimilo emfanele,” esho.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Western Cape ukuqinisekisile ukuthi asikho isikhungo sabo sokwelapha isiguli esingakwazi ukukhuluma esintshontshayo, kanti lokho kushiye umphakathi unezinketho ezimbalwa.
Manje izakhamizi zinxusa umndeni kamsolwa ukuthi ukhulume naye ngesenzo sakhe kungakephuzi. Ilungu lomphakathi eliphucwe omakhalekhukhwini lithe, “Ukulahlekelwa umakhalekhukhwini kusho ukulahlekelwa imininingwane ebalulekile ongeke uyithole noma ungathenga umakhalekhukhwini omusha. Kumele bakhulume naye ngaphambi kokuthi kudlule isikhathi.”
Njengoba isimo siqhubeka umphakathi usalelwe umsebenzi onzima wokuthola isixazululo kule nkinga eqhubekayo yesela eliyisimungulu.
Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zaseKhayelitsha ezifuna isela eliyisimungilu lithathelwe izinyathelo
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze