Umphakathi ujabulile ngesikhathi owesilisa eshona ngesihluku

Kabelo Tlhabanelo

Ngenkathi ewa phansi umzimba wakhe uvutha ecela ukuba bamxolele, kodwa abahlali bavele bajabula kakhulu. 

Umphakathi uthi eminyakeni emine edlule le ndoda eyaziwa ngoPhinda ibibamba abantu inkunzi ngommese iphinde igwaze ngawo abantu futhi mhlampe useke wabulala umuntu.

UFreddy Mokoena utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubhuti wakhe uTsela Mokoena wagwazwa uPhindi ngowezi-2018 ngenkathi kuvuka ingxabanu kudlalwa isinukha endaweni yokuphuza.

Watshela ubhuti wami ukuba abaphumele emyango bakhulume ngoba kunomsindo lapha ngaphakathi ngemuva kokuba baphumele ngaphandle wamugwaza kusho uFreddy.

Uthi ubhuti wakhe bamugwaza amanxeba ayisishiyagalombili emhlane, ebusweni nasekhanda kwadingeka ukuba simuphuthumise esibhedlela lapho afike wasishiya emuva kwezinsuku ezimbalwa.

Asikwazanga ukuqhubeka necala ngoba kwavele kwathiwa udlule emhlabeni ngembangela yemvelo. Sijabulile ukuthi uPhinda angeke aphinde ahlukumeze omunye umuntu futhi.

Umhlali ozibiza ngoTshepiso uthe uPhinda ubemuphilisa kabuhlungu ubehlezi ethatha imali kwingane yakhe uma eyithume esitolo, ubephinde abambe inkunzi abagibeli bamabhasi.

Uthe imina engangikikiza kakhulu ngenkathi eshawa ephinde eshiswa ephila ngoLwesithathu ebusuku.

Abakubo kaPhinda bakhulumile, kodwa angeke badalulwe ngenqobo yokuthi abafuni ukuhlaselwa.

Endlini ubethula kakhulu futhi ehlonipha kusho elinye ilunga lomndeni.

Sizwe abantu bethi bazofika bashaye nanoma ubani owelunga lomndeni uma bangase bakhalele uPhinda ngosuku lomngcwabo.

Umndeni uthe ubugebengu busazoqhubeka.

Laphoke sobona ukuthi bazoqhubeka basole yena yini kusho ilungu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uthe baphenya icala lokubulala ngemuva kokuba kushone uPhinda, kodwa akekho osaboshiwe.

Izihloko zakamuva