Umphakathi uhlasele iphoyisa ebelijaha umsolwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngemuva kwesonto ebelingelihle eGqeberha amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu kuthiwa ajikela iphoyisa ebelijaha umsolwa osolwa ngobugebengu alihlasela.

Iphoyisa ebelingekho emsebenzini ngesikhathi lijaha umsolwa lidutshuliwe laphinde lashaywa ngamalungu omphakathi.

Lesi sigameko senzeke eBethelsdorp  edume kakhulu ngodlame lwamaqembu ezigelekeqe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe la maphoyisa amabili abone owesilisa egijima esuka endaweni yesigameko ephethe isibhamu aqala ukumjaha.

UNaidu uthe umsolwa ulahle isibhamu ngesikhathi bemujaha.

Uthe elinye lamaphoyisa lisale ngemuva lifuna isibhamu kanti elinye liqhubeka nokujaha umsolwa.

“Ngendlela emangazayo nethusayo umphakathi obungalawuleki uhlasele iphoyisa,” kusho uNaidu.

“Iphoyisa ebelijaha umsolwa litholakala kamuva egcekeni emgwaqeni u-Esterhuizen lidutshuliwe esandleni futhi lishawe kanzima.”

Uthe okwamanje iphoyisa liyelulama esibhedlela, kanti kuphenywa icala lokuzama ukubulala. Kuvulwe uphenyo mayelana nesibhamu esitholiwe.

Ngesonto eledlule kwadutshulwa kwabulawa abantu abayisishiyagalombili ezigamekweni ezehlukene ezizungeze iNelson Mandela Bay.

NgoLwesine imeya yase-NMBM uGary Van Niekerk yethule uhlelo olunamaphuzu ayishumi lokusiza ukunqanda udlame oludlangile uNelson Mandela, kodwa lolu hlelo balugxekile futhi labizwa ngephupho amaqembu amaningi aphikisayo.

UVan Niekerk uthe ukuhlangana okuvela kuzo zonke izinhlaka zomphakathi kuzodingeka ukwenza lolu hlelo lusebenze.

Uthe i-Rapid Response on Crime (RROC) ikhulume ngokubambisana nophiko lwezokuphepha nokuvikeleka kuMasipala waseNelson Mandela Bay, uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, onogada abazimele, amalungu aqapha umphakathi, izinhlangano zomphakathi nezinye izinhlaka luyisibonelo.

“Sisungule lolu hlelo ezinyangeni ezimbili ezedlule kanti njengamanje sisebenzela ukuthi lufinyelele ezingeni elingathuthukisa ukuphepha kwethu luphinde luvikeleka zonke izigceme zomasipala ezingamashumi ayisithupha,” usho kanje.

Umbiko we-South African Cities Network (SACN), ubeka umasipala waseNelson Mandela njengendawo ehamba phambili enodlame njengoba kubulawe abantu abangu-80 kubantu abangu-100 000.

Isithombe esingenhla: Iveni lamaphoyisa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva