Umphakathi ufuna ukwakhelwa omunye umtholampilo e-Gqeberha

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Iziguli zasemtholampilo i-NU11 e-Motherwell elokishini elikhulu kunawo wonke e-Gqeberha e-Eastern Cape sezicele uMnyango wezeMpilo ukuba uzakhele omunye umtholampilo.

Batshele i-Scrolla.Africa ukuthi bayaphoqeleka ukuthi bavuke ekuseni ukuze bagweme ukulinda kolayini abade noma bajikiswe.

Lo mtholampilo usiza abantu abaningi abavela ezindaweni ezingaphezu kwezinhlanu elokishini i-Nelson Mandela Bay, i-NU10, i-NU11, i-NU12, i-NU12B, i-NU29 ne-NU30.

Ezinye iziguli zithi zivuka ngovivi ukuze zikwazi ukujoyina ulayini futhi ziphinde zigweme ukujikiswa. Umtholampilo uvalwa ngehora lesine ntambama, kanti labo abasuke besalindile ngesikhathi sokuvala bayajikiswa.

Isiguli uNksz Nombuyiselo Zito sithe sixoshwe emtholampilo izolo ngenxa yaleso sizathu.

“Ngifike lapha ngo-05:15 ekuseni  ngoba ngayizolo umtholampilo uvaliwe ngingakangeni. Angikwazanga ukuya emsebenzini ngoba ngidinga imithi yami yezifo ezingamahlalakhona.”

Esinye isiguli uSomikazi Mbali sithe indawo i-NU29 ibinomtholampilo ongumahambanendlwana, kodwa awusasebenzi. UMbali ukugcizelele ukuthi iziguli aziwufuni umtholampilo ongumahambanendlwana. Bafuna  umtholampilo eduze nalapho behlala khona.

Olayini basemtholampilo bade kangangokuthi bafinyelela ekugcineni komgwaqo. Iziguli zithi ziphoqeleka ukuthi zime emgwaqweni noma linetha, njengoba ingekho indawo yokufihla ikhanda futhi ingekho indawo eyanele yokuthi bame egcekeni.

Izakhamuzi zithi lo mtholampilo ugcwele ngokweqile futhi awunabo abasebenzi. Ngenxa yokunwetshwa kwemijondolo e-NU29 umtholampilo i-NU11 udonsa kanzima futhi ingakho abantu benxusa ukuthi kwakhiwe umtholampilo omusha.

UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uthembise ekuqaleni kwalo nyaka ukuthi kuzoxazululwa inkinga yokushoda kwabasebenzi nemishanguzo kulo nyaka wezimali. Umnyango uthe le inkinga enkulu ababhekene nayo.

Ukuhluleka ukuvala izikhala ezivulekile sekudale ukuthi kube neziteleka eziningi. Okhulumela uMnyango esifundazweni uYonela Dekeda uthe kubekwe u-R700 million ukuvala izikhala ezicela ku-3000.

“Umnyango ujube umdwebi wamapulani omkhulu e-Nelson Mandela Bay ukuba asize ukuhlela nokuhlanganisa ingqalasizinda ngokuhambisana nohlelo olusanda kwamukelwa lokuthuthukisa kwempilo nohlelo lokuthengwa kwempahla esezingeni eliphezulu” kusho uDekeda.

Umtholampilo i-NU11 waba sematheni ngoNcwaba ngokujikisa osemusha okwakuthiwa wayethunjiwe wadlwengulwa, futhi washonela esiteshini samaphoyisa. UZenizole Vena (15) watholwa ngumuntu obezidlulela wamyisa emtholampilo, okusolakala ukuthi watshelwa ukuthi abadlwenguliwe abalashwa khona. Kuthiwa utshelwe ukuthi aye esiteshini samaphoyisa washonela khona esalinde i-ambulensi.

Isithombe esingenhla eseziguli ezime ulayimi emtholampilo wase-NU11

Izihloko zakamuva