Umphakathi ufuna ubulungiswa ngojahidada obhunyelwe ngamanzi abilayo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

NgoLwesine olwedlule izakhamizi zakwaLanga zimashele emzini wowesifazane osolwa ngokuthela umfanyana (4) ngamanzi abilayo ngoba kade ekotele esangweni lakubo.

Amaphoyisa ebekhona ngesikhathi amalungu omphakathi kade ecuka, izingoma zomzabalazo efuna kwenziwe ubulungiswa ngokushiswa kwesisulu esincane.

Ngalo lolo suku umsolwa uye waboshwa. Uvele enkantolo ngoLwesihlanu.

Ngokwemibiko ingane ibiyodlala epaki ngesikhathi igibela esangweni ekhaya likamsolwa. Kuthiwa umsolwa uqhamukile wayibhunyela ngamanzi abilayo nokuyinto edale ukuthi umfanyana ashe kanzima.

Umamncane wesisulu uYonela Mnyombolo uthe ukuthokozela kakhulu ukwesekwa abakutholayo.

“Sibonga wonke umuntu omi nathi,” kusho uMnyombolo.

Sekuqubuke imibuzo mayelana nokubambezeleka kokuboshwa kukamsolwa. “Ingane ishiswe ngomhlaka-24 kuNhlangulana kodwa umsolwa uboshwe ngemuva kokuthi sibhale ngalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana.”

Uphinde waveza ukukhathazeka mayelana nesikhathi sokuboshwa kukamsolwa esihambisana nemashi ehleliwe.

“Umsolwa uboshwe ngalo lolo suku obekuhlelwe ngalo imashi nangemva kokuthi sihlale ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa. Ngabe lokho kuvele kwaqondana noma ngabe uphiko lamaphoyisa lwehlulekile ukusiza isisulu?” ebuza.

Isakhamuzi esicele ukungadalulwa igama sithe bamashe ngoba befuna ukukhombisa umndeni kamsolwa ukuthi awungcono kunabanye abantu.

“Siyayeseka ingane,” esho.

Isakhamuzi esisuke eKhayelitsha saya elokishini lakwaLanga siyomasha uSiyolise Qwesha uthe njengomzali bayazi ukuthi uma ingane yenza okungalungile kumele ikhuzwe.

Kodwa ukuyishisa ngamanzi abilayo kubi. Lowo wesifazane kumele aziphendulele.”

UQwesha uthe ubefuna ukubona ukuthi lo mfanyana (4) unamandla amakhulu yini wokuthi angacekela phansi isango.

“Angizange ngiwubone umonakalo. Ukube kube nomonakalo abanikazi bomuzi bebengacela kubazali bomfanyana ukuthi bakhokhe izindleko,” kusho uQwesha.

Njengoba umsolwa eboshiwe ephinde wavela enkantolo yase-Bishop Lavis ngoLwesihlanu amalungu omphakathi azimisele ukubhekana nokwehluleka kwamaphoyisa akwa-SAPS ukubopha umsolwa ngokushesha.

UMziyanda Ntanjana uthe akethukanga ngesikhathi ezwa ngalesi sigameko.

“Ngiyethemba ukuthi uzogqunywa ejele ukuze kwenziwe isifundo nakwabanye abantu abanonya,” kusho uNtanjana.

Umndeni kamsolwa wenqabile ukuphawula waveza ukuthi awukakulungeli ukukhuluma nabezindaba.

Umsolwa ubekwe icala lokushaya nokulimaza kanzima. Icala lihlehliselwe kumhlaka-14 kuNtulikazi ukuze afake isicelo sebheyili.

Esithombeni ngenhla: Imiphakathi yaseKapa ibuthene ngaphandle komuzi wowesifazane osolwa ngokushisa ingane (4) ngamanzi abilayo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva