Umphakathi ufuna kuvalwe isibhedlela esineminyaka engu-125

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Izakhamizi zaseBizana zifuna kuvalwe isibhedlela sabo esineminyaka engu-125 ngoba siyabhidlika futhi asinabo odokotela nabahlengikazi abenele.

UMnyango wezeMpilo uyathembisa ukuthi uzozilungisa izinkinga kodwa umphakathi ufuna lokhu kusukunyelwe manje.

Abantu baseBizana, e-Eastern Cape, bathi isibhedlela sabo sigugile kudingeka sivalwe.

Isibhedlela sase-Greenville sakhiwa ama-missionaries ngo-1900. Manje ngemva kweminyaka engu-125, izindonga zaso ziyaqhekezeka, upende uyaxebuka, notshani bukhula phakathi kwaso.

Izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zibhikishe ngoLwesibili, zithi isibhedlela asinabo odokotela abenele futhi siyawohloka. Baphinde bakhathazeke ngezokuphepha ngoba abekho onogada.

Usihlalo webhodi lase-Greenville Hospital uLindile Zulu utshele iScroll.Africa ukuthi kushoda kwabasebenzi kubi.

“Akekho umphathi, u-matron, nodokotela abakhulu, kufanele kube nabathwala iziguli abangu-15 kodwa munye umuntu osebenza lowo msebenzi. Uhlu lwezinkinga alupheli,” kusho uZulu.

Ibhodi selizame izikhathi eziningi ukuhlangana nezikhulu zezempilo esifundazweni mayelana nalezi zinkinga. Kodwa abakwazanga ukukhokhela uhambo lokuyobona uNgqongqoshe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uSiyanda Manana uthe isibhedlela ngeke sivalwe.

“Abaphathi besibhedlela bahlangane namalungu omphakathi ukudingida lezi zinkinga okubalwa ukushoda kwabasebenzi nesimo sebhilidi, umphakathi wabe usuzishiya phansi izinhlelo zokuthi livalwe,” kusho uManana.

Uthe bayazazi izinkinga futhi bamatasa bazozilungisa.

UZulu uthe bazohlangana nezikhulu zezempilo maduze. Kodwa uma kungashintshi lutho ngokushesha, umphakathi uzophinde ufune ukuthi isibhedlela sivalwe.

Esithombeni esingenhla: Ngaphakathi kwesibhedlela i-Greenville eBizana, e-Eastern Cape.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva