Umphakathi ufuna kukhishwe umbiko ngenkohlakalo yesitudiyo sokuqopha sikahulumeni sezigidi eziyi-R15

Celani Sikhakhane

Iyakhula ingcindezi yokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natali ukhiphe umbiko wesigidi esiyi-R1.1 sophenyo okukholakala ukuthi ludalula izivumelwano zenkohlakalo ezenziwa eMnyangweni wezobuCiko namaSiko.

Izikhulu eziphezulu zesitudiyo sokuqopha esibiza izigidi eziyi-R15 eThekwini kanye nesomnyango wezobuCiko namaSiko kumele ziphendule.

Imali elinganiselwa kwizigidi eziyi-R12 yafakwa esikhungweni seKZN Music House ngonyaka wezimali wezi-2016/2017 ukuze kusizwe abaculi baseKZN, kodwa ayikho neyodwa i-CD eyakhishwa inhlangano yomculo.

Lokhu kuholele ekutheni kuqalwe uphenyo okusolwa ukuthi izikhulu ze-KZN Music House kanye noMnyango wezobuCiko namaSiko ziyathinteka ezenzweni zenkohlakalo.

Le nkohlakalo igcine iholele ekuweni kwesikhungo.

UThokozani Tzozo Zulu we-Creative and Culture Industry of South Africa eKZN uthe mkhulu umonakalo odalwe inkohlakalo kubaculi bakulesi sifundazwe futhi mkhulu kakhulu. Uthe ufuna kubanjwe izikhulu zenkohlakalo njengoba bebaningi abaculi abasadonsa kanzima ngenxa yamacala abasolwa ngawo.

“Abaculi baseKZN badonsa kanzima ngenxa yabantu abanomhobholo abanxanele ukuzicebisa ngemali yethu,” kusho uZulu.

UZulu ulwamukele lolu phenyo, kodwa wathi kumele lukhululwe emphakathini njengento eseqhulwini.

“Yingakho sifuna uhulumeni wesifundazwe akhiphe umbiko ogcwele ngokushesha, ukuze sazi ukuthi obani lezi zikhulu ezingenanhliziyo,” engeza.

Ngesikhathi uhulumeni wesifundazwe ethatha isinqumo sokwethula i-KZN Music House, kwabekwa umlingisi weSarafina uMbongeni Ngema ukuthi abheke lesi sikhungo, kodwa wabuye wadedelwa ngemuva kokuba abaculi abaningi bakhalaze ngaye.

Lesi sikhungo sasungulwa ngenhloso yokunqanda izinga eliphezulu labantu abangasebenzi eKZN nokugwema ukuhamba kwabaculi abanomthelela abashiya isifunda baye eGoli beyofuna izinkampani zokuqopha.

UMnu Bradley Singh oyilungu lesiShayamthetho eqenjeni le-DA eKZN uthe kuyadabukisa ukuthi uMnyango kaMgcinimafa eKZN ukhiphe umyalelo wokuthi ukukhishwa kwalolu cwaningo kuhlukaniswe, futhi kukhulunywe ngezinsolo zobugebengu kuphela kube kusagodlwe ezangaphakathi.

“Ngeke sikujabulele ukukhishwa kwengxenye yocwaningomabhuku bese kuthi okunye kufihlwe yi-DoAC,” kusho uSingh.

Inhloko yezokuxhumana kuhulumeni eKZN, uLennox Mabaso, uthe: “Sinethemba lokuthi sizowukhipha umbiko uma isikhathi sesifikile futhi uNdunankulu uzokwenza isiqiniseko sokuthi abantu baseKZN banikezwa ulwazi olugcwele ngalo mbiko.”

Izihloko zakamuva