Dalphine Tagwireyi
Abantu abaningi bebehlangene esontweni i-Faith Assembly e-Hazyview ngoLwesihlanu bezovalelisa kuBontle Mashiyane intombazanyana ebineminyaka eyisithupha eyatholwa ibulewe emasontweni amahlanu edlule.
Umama wakhe uPermission Seipane ubhale amazwi okuvalelisa endodakazini yakhe afundwe omunye ngenxa yokuthi ubekhungatheke kakhulu engeke akwazi ukuma phambi kwamehlo abantu.
“Ngiyohlezi ngikuthanda, Bontle. Ngakunika lelo gama ngoba ubumuhle kakhulu,” kufundwa incwadi kanina.
“Lonke ithemba ebinginalo ngawe lishabalale ngesikhathi bekuphuca emehlweni ami futhi ngifuna uqhubeke nokulwa noma ungasekho uze uveze wonke umuntu onesandla ekushoneni kwakho.
Okhulumela umndeni uNorman Mazibane uthe ngemuva kokuduka kukaBontle bebenethemba futhi bethandazela ukuthi abuye ephila.
“Ukutholakala kwesidumbu sakhe bekungaphezu kwamandla. Ubani nje ongahlukanisa amalungu omzimba engane encane kanje?”
UMazibane uthe okubanikeza ukuthula ukuthi ukushona kwengane kugqugquzele umphakathi wase-Mganduzweni ukuthi ulwe nokubulawa kwezingane osekwenzeke iminyaka emphakathini.
UBontle ongcwatshwe esigodini sase-Mashudu waduka ngomhlaka-29 kuNdasa kanti isidumbu sakhe satholwa ngomhlaka-21 kuNhlaba ethuneni elingashoni eduze kwakubo e-Mganduzweni.
UNgqongqoshe wezamaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka e-Mpumalanga uThandi Shongwe ubehambele lo mngcwabo wanxusa amaphoyisa ukuthi athungathe abasolwa aphinde anqande ukubhebhetheka kokubulawa kwabantu bakhishwe izicubu.
“Imiphakathi ayikwazi ukuhlala ngokusaba iphinde isabe nokuthuma izingane ezitolo noma ikhathazeke ngokuthi zingase zingabuyi esikoleni. Amaphoyisa kumele athathe isinyathelo ngokushesha bonke abenzi bobubi kumele bagwetshwe kanzima,” kusho UNgqongqoshe.
Abasolwa abahlanu bazophinde bavele ngomhlaka-24 kuNhlangulana eNkantolo yeMantshi yase-Masoyi ngamacala okushushumbisa abantu, ukudlwengula, ukubulala kanye nokuthumba.