Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umphakathi waseGugulethu eKapa uzithathele umthetho ngeSonto ebusuku ngesikhathi ubulala owesilisa okusolwa ukuthi udlwengule ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye.
Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuthi igama ligodlwe, umsolwa ubanjwe oqotsheni yizakhamuzi ebezizwe umsindo ongaqondakali oqhamuka emzini wakhe.
“Izakhamuzi zitheleke egcekeni zafike zangqongqoza emnyango kodwa kwangavula muntu, lo wesilisa ube esenza sengathi akukho muntu endlini,” kusho isihlobo.
Abantu banquma ukucasha ukuze acabange ukuthi sebehambile ukuze babone ukuthi kwenzakalani.
“Abantu bambone evulela ingane isicabha wase eyithinta ehlombe,” kusho isihlobo.
Ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ebikele umndeni, unina wengane encane wayiphuthumisa esibhedlela odokotela baqinisekisa khona ukuthi ngempela ike yanukubezwa ngokocansi.
Lokhu kucasule amalungu omphakathi, abe esezithathela umthetho ngezandla.
Umama wesisulu ukhungathekile ngalesi sigameko.
“Ibuhlungu inhliziyo yami ukubona indodakazi yami inje, isezinhlungwini ezingaka,” kusho umama.
“Okungizwisa ubuhlungu kakhulu ukuthi umuntu odlwengule ingane yami sekuneminyaka engumakhelwane wami indodakazi yami yazalwa phambi kwakhe.”
Isakhamuzi esigodliwe igama laso sithe: “Bebengahlelile ukumhlasela kodwa ubezishaya isifuba ngokudlwengula ingane nokuthi akukho esingakwenza ngalokhu, kwasiphoqa ukuba sibhekane naye ngendlela esazi ngayo kuphela.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uSayitsheni Wesley Twigg ukuqinisekisile ukuthi uphiko lwaseNyanga oluthinta udlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi (FCS) luphenya icala lokudlwengula.
“Umsolwa ubulawe esigamekweni sokuhlaselwa umphakathi kanti uphenyo lusaqhubeka.”
Esithombeni esingenhla: INyanga FCS iphenya icala lokudlwengulwa kwengane eneminyaka eyisishiyagalolunye okusolwa ukuthi idlwengulwe ngumakhelwane wayo.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze