
Everson Luhanga
Ngemuva kokuqubuka kwezigameko zobugebengu e-Pimville, e-Soweto, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ubuyele elokishini elikhungethwe yizinkinga eyoxoxisana nabahlali kwi-Street Imbizo.
Izakhamizi esezikhungathekile ngezinga lobugebengu kule ndawo, zigcwale imigwaqo zifuna kwenziwe okuthile ukwehlisa izinga lobugebengu endaweni yazo.
Imbizo ize ngemuva kokuvakasha okokuqala kukaNgqongqoshe wamaphoyisa kule ndawo ngoLwesithathu ngomhlaka-20 kuMbasa ngo-2022, ngemuva kwesigameko sokudubula esihlobene nokwebiwa kwezintambo esidlule nemiphefumulo yesakhamuzi sase-Pimville uKgomotso Diale kwalimala abahlanu ngesonto eledlule.
Kuboshwe abantu ababili abathweswe amacala okubulala nokuzama ukubulala.
U-Agnes Sibasa obekhona ngelanga lesigameko emasontweni adlule uthi usindile kodwa uye walimala ngesikhathi enyathela intambo enogesi.
“Ngishile kodwa ngenhlanhla ngikwazile ukuzikhipha kodwa ngilimele kanzima,” engeza.
UTshegofatso Mashego uthe kunezigebengu ezinezibhamu ezinkulu kuleli lokishi.
“Siyazesaba izigebengu ezisisongela ubusuku nemini. Ebusuku sizwa kuqhuma izibhamu sengathi sisendaweni yempi,” esho.
Ngenkathi uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uFaith Mazibuko ebize izakhamizi ukuthi zize ngaphambili zizozwakalisa ukukhathazeka kwazo kwabezimo eziphuthumayo, iqeqebana labezimo eziphuthumayo be-EMS lingene esiteji ukuze lizwakalise izinkinga zalo nomphakathi.
Ummeleli weqembu uKamogelo Mulaudzi uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi bekunzima kangakanani ukusebenza emphakathini lapho nabo abagetshengwa khona.
“Sisebenza ngokwesaba kulo mphakathi, sibonile ozakwethu bebanjwa inkunzi kudlwengulwa nozakwabo besifazane,” esho.
Ngesikhathi umholi we-Operation Dudula uMnu Nhlanhla Lux Dlamini enikwa ithuba lokukhuluma, utshele uCele ukuthi asukume asuse imijondolo kungenjalo iDudula izozenzela yona.
Kodwa uCele akazange ancetheze, utshele izinkumbi zabantu ukuthi amaphoyisa ngeke avumele noma ngubani ukuthi enze izinto eziphambene nomthetho.
UNgqongqoshe uCele wengeze ngokuthi amaphoyisa azobhekana nezigebengu kungaba abaphuma emazweni angaphandle noma abakuleli.