Umphakathi ubulale umsolwa oyedwa kwathi ababili balimala kanzima

Everson Luhanga

Kushone umuntu oyedwa ngesikhathi abanye ababili besagcinwe egumbini labagula kakhulu esibhedlela, ngemuva kokuhlaselwa yiqulu labantu base-Tembisa abebethukuthele bebasola ngokweba umakhalekhukhwini.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu lapho okusolakala khona ukuthi amadoda amathathu abambe intombazane yesikole inkunzi, kanti le ntombazane iye yamemeza yacela usizo.

“Ukukhala kwentombazane kubize amalungu omphakathi ajahe imoto yezigebengu ngezinyawo,” kusho ilungu lomphakathi litshela i-Scrolla.Africa.

Uthe umshayeli uhlulekile ukulawula imoto wabe eseshayisa enye imoto okuyilapho laba abathathu ababanjwe khona. Isixuku ebesithukuthele siqale ukubahlasela.

“Amaphoyisa afikile futhi abasolwa ababili babaleka bayongena evenini yamaphoyisa,” kubalisa ilungu lomphakathi.

Iqulu labantu liqale ukujikijela iveni lamaphoyisa ngamatshe nezitini, okushiye amaphoyisa engenayo enye indlela ngaphandle kokubaleka ashiye omunye wabasolwa.

Abesilisa ababili ababalekile baphuthunyiswe esibhedlela lapho abathola khona usizo egumbini labagula kakhulu.

Amaphoyisa ase-Tembisa Rabasotho abuyele endaweni yesigameko ukuyohlenga umsolwa wesithathu kodwa aphinde ajikijelwa ngamatshe kwadingeka ukuthi ahlehle.

Ngemuva kokushaya umsolwa obesele, isixuku siqhubekile nokushisa imoto yeqembu lezigelekeqe.

Kubizwe abezimo eziphuthumayo ukuthi bazomlanda ngemuva kokuthi isixuku sihlakazeke base bemphuthumisa esibhedlela sase-Tembisa, okuyilapho afike washonela khona ngenxa yokulimala kanzima.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tembisa uConstable Patricia Mgijima usiqinisekisile lesi sigameko.

Uthe izinto ezijikijelwe emaphoyiseni endaweni yesigameko beziyingozi enkulu kuwona, okuwaphoqe ukuthi ashayele abheke endaweni ephephile.

Amaphoyisa aphenya amacala okubulala nokulimaza kanzima.

“Amaphoyisa akhuthaza abahlali ukuthi babike amacala emaphoyiseni futhi banqande noma yiluphi uhlobo lodlame noma ukuzithathela umthetho ngezandla” kusho uMgijima.

Izihloko zakamuva