
Zukile Majova
Kuningi okungafezeka uma abezindaba besebenzisana nomphakathi ngokungakhathali ukuphoqa amaphoyisa nabanye bomthetho ukuba benze imisebenzi yabo.
Isibonelo lapha e-Mt Ayliff, abesilisa ababili abasolwa ngokudlwengula nokukhipha amehlo ezisulu zabo bavele eNkantolo yeMantshi yendawo ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuMbasa ngamacala ehlukene.
Isigameko sokuqala senzeka ngoMandulo nyakenye kanti sithinta ingane eneminyaka eyisithupha yase-Sugarbush village eyashona ngemuva kwezinhlungu zokulimala.
Isigameko sakamuva esenzeke ngosuku lwephasika sithinta intombazanyana eneminyaka engu-16 ubudala yasesigodini sase-Cabazana ngaphandle kwase-MaXesibeni elulama esibhedlela sase-Mthatha.
Umkhankaso omkhulu wokuthungatha obuqhutshwa amaphoyisa nomphakathi uholele ekuboshweni komsolwa kwaphinde kwaboshwa nomunye umsolwa owenza ubugebengu obufana nalobu nyakenye.
Isigameko esenzeka ngosuku lwephasika lwangoLwesihlanu sathukuthelisa umphakathi owaphoqa izinhlaka ukuthi ziphoqe uhulumeni, abezindaba bendawo kanye nabaholi bomdabu ukuthi bangene emgwaqeni bathungathe umsolwa.
Ngesikhathi bethungatha okokuqala amathimba acelwa ngodokotela ukuthi abuyele endaweni yesigameko phakathi nehlathi e-Cabazana ukuze babheke iso elilodwa ebelishiywe endaweni yesigameko.
Lo mfundi owenza ibanga lesishiyagalombili waphuthunyiswa esibhedlela oso lakhe lilimele kakhulu liphumele ngaphandle.
Uphenyo lomphakathi lwathola iso lesibili ngemuva kwezinsuku, kodwa bese liqala ukonakala.
Le ntombazanyana kudingeke ukuthi ihlinzwe iphinde ithungwe ukuze kuvalwe izimbobo zamehlo okumshiye enezibazi futhi engaboni.
Umsolwa oneminyaka engu-23 oboshiwe ngaleli cala kutholakale izingubo ezinegazi endlini yakhe.
UMnu Mzuvukile Jojo we-Umzimvubu Local Men’s Forum uthe abafuni abasolwa baphinde babuyele kulesi sigodi.
Isishoshovu samalungelo ezingane uMnu Petros Majola we-Khula Community Project uthe ongoti bengqondo banomhlangano nesisulu ngenhloso yokusisiza ukuthi samukele isimo saso okuhlanganisa nokuphila impilo yakhe yonke engaboni.
Khonamanjalo eNkantolo yeMantshi yase-Mbizana e-Alfred Nzo ikhehla elineminyaka engu-70 ubudala lizovela eNkantolo namuhla libhekene necala lokuphoqa abafana abancane abaneminyaka eyisishiyagalolunye kuya kwengu-12 ukuba baye ocansini nemvu esigodini sase-Lukholo.