Lubhalwe nguSbongile Nonyana
- Osolwa ngokubulala uFhimani Azwinndini weqe esibhedlela kodwa wabanjwa ngemuva kokuthi amalungu omphakathi alume amaphoyisa indlebe.
- Izakhamizi ebezithukuthele zigane unwabu zishaye umsolwa kabuhlungu wangakwazi nokukhuluma, zazifaka enkingeni yomthetho.
Inkululeko yomsolwa oweqe ejele ithathe izinsuku ezine nje kuphela ngaphambi kokuthi amalungu omphakathi amubambe amshaya kabuhlungu wangakwazi nokukhuluma.
UFhimani Azwinndini (28) obhekene namacala okuthumba nelokubulala, weqe ngewindi esibhedlela i-Tshilidzini e-Limpopo ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uColonel Hlulani Mashaba, uthe baqale ukumzingela khona lapho.
“Ngemuva kokulandela umkhondo, amaphoyisa abikelwe ngamalungu omphakathi asesigodini sase-Ha Mphego ukuthi u-Azwinndini utholwe ngoMgqibelo ngomhlaka-18 kuMasingana,” esho.
Ngesikhathi amaphoyisa efika, athole umphakathi usuvele umbambile u-Azwinndini – kodwa ubusumshaye kanzima.
Amaphoyisa manje avule icala lokuzama ukubulala ukuze aphenye ngokushaywa kukamsolwa.
U-Azwinndini ubuyele esibhedlela kodwa manje ugadwe amaphoyisa.
Uzovela enkantolo uma eseluleme ekulimaleni kwakhe.
Isikhulu samaphoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe ubonge umphakathi ngokusiza ukubamba u-Azwinndini kodwa waxwayisa abantu ukuthi bangazithatheli umthetho ngezandla.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File