Elmon Tshikhudo
Ezindabeni ezishaqisayo, umama nendodakazi yakhe eneminyaka emithathu bashayiswe yimoto ebigijima. Intombazanyana ishone ngaso leso sikhathi ngenkathi umama wayo olimele kanzima ephuthunyiswa esibhedlela.
Phezu kwalokho abadlule kukho, enye imoto ebigijima ihambe phezu kwesidumbu sengane ebesingakaqoqwa ngodokotela bezifo.
Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ntambama ku-N1 omatasa e-Musina, eduze kwesiteshi Somlilo i-Obed Mashaba.
“Umshayeli uzame ukubaleka endaweni yesigameko kodwa wavinjwa wahluleka ukubaleka,” kusho ilungu lomphakathi ebelisendaweni yesigameko.
“Ethukuthele egane unwabu, ubaba wengane uye egalaji wabuya nophethiloli, abantu abawusebenzise ukokhela imoto ngomlilo,” esho.
Uthe kwenzeke amaphoyisa ekhona ebuka.
Umholi womphakathi uFreedom Boikanyo uthe le ndawo iyindawo eyingozi kakhulu.
“Sesizame isikhathi eside ukukhuluma nomnyango wezokuthutha ukuthi sakhe ibhuloho labahamba ngezinyawo ngaphandle kwempumelelo. Bangaki abantu okumele bashonele lapha ngaphambi kokuba basilalele?” esho.
Uma kungakhiwa ibhuloho, abantu bazosala bengenayo enye indlela ngaphandle kokubeka izinciphisajubane emgwaqeni kazwelonke, kwengeza uBoikanyo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe umshayeli uboshiwe. Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Musina kungekudala.
Umshayeli wemoto eshile akakawuvuleli umphakathi icala.