Umpetha wethenisi wase-Kenya ulwela ukuxosha ikati eziko

Dylan Bettencourt

Umpetha wethenisi wase-Kenya u-Angela Okutoyi uthe njalo uma edlala ithenisi uhlale ecabanga ukuthi ingayishintsha kanjani impilo yomndeni wakhe.

Le ntombazanyana inobudlelwano obuqinile nogogo wayo uMary owamkhulisa ngemuva kokuba unina eshone ngesikhathi ebeletha. UMary usebenza ukuhlanza esikoleni sendawo uma enganakekeli u-Okutoyi.

“Bekumele azibambele mathupha eyedwa, futhi  udlale indima yokuba ubaba, umama nogogo wethu,” kusho u-Okutoyi obiza ugogo wakhe ngomama.

“Ithenisi izongisiza ukuthi ngikhiphe ugogo wami enhluphekweni ngimakhele umuzi futhi ngimtholele impilo emnandi,” etshela i-BBC Sport.

Useyazibonakalisa ukuthi uzimisele, njengoba esengomunye wabadlali okumele babhekwe ngabomvu kulo mdlalo njengoba engowokuqala wesifazane wase-Kenya ukuwina umdlalo we-junior Grand Slam ngesikhathi se-Australian Open.

Izithombe zika-Okutoyi edlala ngesikhathi se-Australian Open zivele zenza uMary wamamatheka yinjabulo.

“Ithenisi ingaphezulu komdlalo nje kimi,” esho.

“Ngeke ngisho ukuthi lo mdlalo uyasiza kodwa uma ngisenkundleni ngiyazi ukuthi yinto ezongisiza esikhathini esizayo”.

Uthe ithenisi ibeka ukudla etafuleni.

“Lo mdlalo unginika isibindi futhi. usiza umndeni wami,” esho.

U-Okutoyi ungowase-Afrika obekwe phezulu kakhulu ezilinganisweni ze-International Tennis Federation (i-ITF) emhlabeni, uhlezi endaweni yesi-59.

Lo mdlali wase-Kenya, ogqugquzelwe nguSerena Williams, naye akuzange kube lula kuye.

“Ngezinye izinsuku ngangizilolonge ngingadlanga lutho, ngangigqoka izicathulo ezidabukile ngingenazo izinto enginazo manje,” usho kanje.

Umdlalo wakhe olandelayo we-Grand Slam yi-French Open futhi ugogo wakhe unethemba lokuthi uzoqhubeka nokuthola ukwesekwa ngokwezimali ukuze aqhubeke nokuncintisana.

Umthombo wesithombe: @WTA_Insider

Scrolla World Cup Quiz