Dylan Bettencourt
Umdlali wethenisi ohamba phambili eNingizimu Afrika uKevin Anderson usememezele ukuthi uyawuyeka lo mdlalo ngemuva komsebenzi wakhe oncomekayo.
Lo wesilisa oneminyaka engu-35 umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi “ekugcineni usethatha isinqumo esinzima sokuthatha umhlalaphansi.”
U-Anderson ongaphezu kwamamitha amabili ngobude ufinyelele kowamanqamu e-US Open ne-Wimbledon emsebenzini ogqanyiswe ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla.
Lo mdlali waseNingizimu Afrika waphenduka umpetha ngonyaka ka-2005 kodwa uke wahlushwa ukulimala.
U-Anderson uwine izicoco ze-ATP eziyisikhombisa emsebenzini omenze wafinyelela kwinani eliphakeme endaweni yesihlanu kumazinga omhlaba ngoNtulikazi ngo-2018.
“Angisikhumbuli isikhathi empilweni yami lapho ngingadlali khona ithenisi,” kusho u-Anderson kwi-Twitter kumyalezo wakhe wokuthatha umhlalaphansi.
“Lolu hambo ngaluqala eminyakeni engu-30 edlule lapho ubaba wayejwayele ukungibeka kwi-racquet bese engitshela ukuthi uma ngizimisele ngokusebenza kanzima ngingaba omunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni.”
U-Anderson uthe emidlalweni yethenisi beziba khona izikhathi ezinhle nezimbi kodwa ubehlezi ekwamukela lokho okufika ngaleso sikhathi.
“Uhambo lwami lwangisiza ngaba indoda engiyiyo namuhla. Ekugcineni ngifinyelele esinqumweni esinzima sokuthatha umhlalaphansi ekudlaleni ithenisi ekhokhelwayo.”
U-Anderson uphethe inkulumo yakhe ngokubonga bonke abebeyingxenye yohambo olumfikise ezingeni lomhlaba.
“Ngibonga kakhulu ngezinto ezinhle ezenzeke kumina ngoba bengiyingxenye yezemidlalo,” kuchaza lo mdlali.
“Ngiseyingane ubaba wayejwayele ukungitshela ukuthi impumelelo ayichazwa imiphumela yemidlalo kodwa ichazwa imizamo nokuzidela.
“Nginikele ngakho konke okusemandleni ami,” ephetha.
U-Anderson uthi manje ushiya phansi ithenisi usezoziqhubekela nokuzidlalela isigingci kwakhe e-Florida.
Umthombo wesithombe: @WallStreetJournal