Umpetha wethenisi uhoxile kweye-Wimbledon

Razeen Gutta

URafael Nadal uhoxile kweye-Wimbledon ngemuva kokulimala esiswini kusasele usuku olulodwa ngaphambi komdlalo wakhe owandulela owamanqamu noNick Kyrgios.

Lo mdlali wase-Spain uthole ukulimala ngesikhathi enqoba amasethi amahlanu ehlula uTaylor Fritz ngoLwesithathu nangemuva kokuzilolongela i-Wimbledon ngasekuqaleni kwanamuhla imibiko ithi angeke akwazi ukudlala kusasa.

UNadal ube nesithangami sabezindaba ngesikhathi eqinisekise khona ukuhoxa kwakhe kulo mqhudelwano.

“Kumele ngiphume kulo mqhudelwano,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-36 ubudala ebusuku. “Angikholwa ukuthi nginganqoba imidlalo emibili ngaphansi kwalezi zimo.

“Njengoba wonke umuntu ebonile izolo bengihlushwa izinhlungu esiswini ngikhala ngomsipha.”

“Into ebaluleke kakhulu injabulo ukudlula zonke izicoco. Angikwazi ukubeka impilo yami egcupheni ngoba ngingahlala izinyanga ezimbili noma ezintathu ngingangeni kulo mqhudelwano. Ngiphatheke kabi kakhulu futhi kunzima.”

Imbangi kaNadal uKyrgios, izodlula kowamanqamu ngeSonto kanti ike yabhekane nompetha izikhathi eziyisithupha uNovak Djokovic noma ohamba phambili wase-Britain uCameron Norrie, ngemuva kokushayisana kwalaba bobabili ngoMgqibelo.

Izihloko zakamuva